Uzinikele emaphoyiseni uthisha obeklinyisa abafundi iqhude

Uzinikele emaphoyiseni uthisha osolwa ngokunukubeza abafundi base-Mantlaneni, e-Lusikisiki nokuthatha isidoda sabo asivalele emabhodleleni. Umsolwa oneminyaka engu-25 ubhekene namacala angu-21 okunukubeza ngokocansi.

Lezi zindaba ezishaqisayo zivele ngesonto eledlule emuva kokuthi abafundi bebanga lesihlanu bebikele uthishomkhulu. Umsolwa kuthiwa ubenukubeza abafundi uma sekuphuma isikole kubikwa ukuthi ngemuva kokuqeda ukubanukubeza uthatha isidoda sabo asigcine emabhodleleni.

Umzali okhathazekile uthe, “Njengoba uthisha ezinikele emaphoyiseni uthishomkhulu kumele ahambe ngoba wehlulekile ukuvikela izingane zabo kulesi sikole futhi abasamuthembi.

Abazali babafundi abathintekayo batshele uMnyango wezeMfundo ukuthi bafuna uThishomkhulu omusha. “Sithumela izingane zethu esikoleni ukuze zithole imfundo zingahlukunyezwa ngokocansi umuntu ezimethembayo futhi sizolwa aze ahambe.”

Umama oneminyaka engu-45 ubudala ujabule ngokuzinikela kukathisha. “Manje kumele asitshele ukuthi ubesithatha asenzeni isidoda sezingane zethu.”

Abafana bakhe uthe basale behlukumezekile futhi abakhululekile ukubuyela esikoleni. “Izingane zethu azithembi muntu futhi ngeke sizisole. Anginaso isiqiniseko sokuthi zizophasa yini ngoba zisuke zicabanga ngale nto eyenzeke kuzo.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMalibongwe Mtima uthe uthisha osolwayo umisiwe.

Ephendula ngodaba lukathishomkhulu okuthiwa ubevikela uthisha uMtima uthe “uthishomkhulu ubelandela imigudu esemthethweni okumele ilandelwe ukuqinisekisa ukuthi konke kubikwa ngendlela futhi nomthetho uyahlonishwa.

UWarrant Officer Majola Nkohli okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Eastern Cape uthe uthisha uzinikele ngoMsombuluko kwathi ngoLwesithathu wavela eNkantolo yeMantshi yase-Lusikisiki. Icala lihlehliselwe uLwesihlanu ngomhlaka-29 kuMfumfu.

Ihlanganiswe uBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva