Uzinikele emaphoyiseni owesilisa osolwa ngokubulala intombi yakhe 

Lubhalwe nguLungi Langa

Uzinikele emaphoyiseni owesilisa wase-Port Shepstone, osolwa ngokubulala unina wengane yakhe (24) ngempelasonto ngokumgwaza amanxeba angu-14.

Lokhu kuhlasela kwenzeke phambi kwendodana yabo ekhubazekile, eneminyaka eyisikhombisa ubudala kanye nodadewabo omncane kalowo obulewe, kusho usingayise wowesifazane obulewe etshela i-Scrolla.Africa.

Uveze ukuthi kunomlando wokuhlukumeza.

“Ngisho esekhulelwe ubemshaya,” kusho usingayise.

“Sinesiqiniseko sokuthi nguyena odale ukuthi ingane yabo izalwe ikhubazekile ngoba wayemshaya kabuhlungu ekhulelwe.”

Usingayise uthe nakuba ubemshaya, kodwa akakaze afune ukumshiya.

Kukholakala ukuthi umsolwa ubefuna owesifazane amvakashele kubo eGamalakhe ngempelasonto. Wala ngoba bekungekho muntu ozogada ingane yabo nodadewabo omncane.

Umsolwa obedinwe egane unwabu wafika endlini ngezithuba zasekuseni ngoMgqibelo, wavula ngenkani isicabha wamhlasela.

“Bengikwelinye igumbi angikwazanga nokulala ngenxa yomsindo womsakazo kamakhelwane ngesikhathi ngizwa othile ekhahlela isicabha,” kusho usingayise.

“Ngesikhathi ngiphuma ngazithela kudadewabo omncane wendodakazi yami ongitshele ukuthi isoka likadadewabo liyamshaya.”

Uthe ufice indodakazi yakhe ilimele ihleli phansi.

“Ubephefumula kanzima futhi elimele kakhulu. Ungitshele ukuthi uyise wengane yakhe omgwazile.”

Ube esebikela omakhelwane ababize amaphoyisa ne-ambulensi, kodwa owesifazane osemncane ushonele endaweni yesigameko.

“Ubeyingane elungile eyenza yonke into ngendlela efanele,” etshela i-Scrolla.Africa.

Umsolwa ubalekile ngemuva kokugwaza umawengane yakhe, kodwa wabiza amaphoyisa wawacela ukuthi amlande ngoMsombuluko ebusuku. Lokho kungemuva kokuthi umndeni wakhe umfake ngaphansi kwengcindezi yokwenza okufanele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe umsolwa kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo ngoLwesithathu.

Usingayise uthe kubanika ukuthula ukuthi umsolwa uboshiwe ngemuva kwezinsolo zokuthi ubalekele ezihlotsheni zakhe KwaMadlala lapho kade ebhace khona.

Isithombe esingenhla: Itheyiphu efakwa uma kunesigameko sobugebengu

Umthombo wesithombe: I-Puritan Medical Products Blog

Izihloko zakamuva