Uzimisele umshayisibhakela owaphazanyiswa ukusebenzisa izidakamizwa

Linda Ximba

UCowin Ray wayengomunye  wezihlabani ezigqama kakhulu eNingizimu Afrika, kodwa ukugqama kwakhe nokuphakama kwakhe kwamuholela ekutheni agcine esebenzisa izidakamizwa. 

Lo mshayisibhakela obuya esihogweni sokudla izidakamizwa uyalulama futhi uzama izindlela zokubuyela ekubeni umshayisibhakela oseqopheleni eliphezulu futhi. 

URay angavuma manje ukuthi waqala ukuphuma endleleni ngesikhathi eqala ukuzihlanganisa nezigebengu ezazikhuthaza ukusetshenziswa kwezidakamizwa.

Waze waphelelwa umdlandla wokuthanda isibhakela impilo yakhe yonke, kodwa ngenhlanhla umndeni wakhe wameseka wakwazi ukuguqula washintsha izindlela zakhe.

URay waze wakwazi ukunqoba isicoco saseNingizimu Afrika okwakungekho muntu kuso se-super middleweight ngemuva kokunqoba umzuliswano wesishiyagalolunye ehlula uFrank Rodriquez ngomhlaka-29 kuMandulo ngonyaka odlule.

“Abaqeqeshi bami besibhakela bangigqugquzele ukuthi ngibuyele ekuzilolongeni futhi ngijabule ngenqubekelaphambili engiyenzile kuze kube imanje,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala.

“Ngiyethemba ukuthi ukuphumelela kwami eringini kuzogqugquzela labo abasabanjwe izidakamizwa babone ukuthi kuyaphumeka ushintshe ubuyele esimeni sakudala.”

URay uzobe ebanga isicoco ebhekene no-Andile Mntungwa wase-Cato Ridge KwaZulu-Natal e-Fourways e-Goli ngoLwesine ebusuku.

Umqhudelwano wase-Afrika uzovezwa bukhoma i-ESPN Africa evela kwi-ECF Performance Institute.

URay akakaze ahlulwe emdlalweni eyisikhombisa futhi uqeqeshwa nguSebastiaan Rothmann owayengumpetha wesibhakela emhlabeni wonke.

Umqeqeshi wakhe uthe uyawazi amandla kaMntungwa.

“Kuzoba impi enzima kodwa ngiyilungiselele futhi naye uzilungiselele.”

UMntungwa ubengasho lutho ngaphandle kokuthi usegxile entweni eyodwa.

“Ngizothatha isicoco sakhe.”

Izihloko zakamuva