Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Owesilisa ozibiza “ngelikaXopher Wallace” kodwa ozifihla ubuyena angeke ukwazi ukungamqapheli uma uhlangana naye emgwaqeni yaseGoli.
Akulona igama lakhe langempela, kodwa yindlela lo oyiciko oneminyaka engu-29 ubudala akhetha ukwaziwa ngalo. UXopher uthanda ukusebenzisa i-incognito futhi ungena kuyo egqoke isudi ye-morph emnyama, ekwazi ukumboza kusukela ekhanda kuye ozwaneni. Ngalokho ugqoka izibuko ze-steampunk ezisiliva kanye nesigqoko (hoodie) esimnyama ukuze aqinisekise ukuthi akekho omuhlonzayo ukuthi ungubani.
“Ngikhetha ukungaziwa futhi ngifuna ubuciko kanye nolwazi lwedijithali lujulise ingqondo yakho ukuze ucabange ngezindlela ezihlukene,” etshela i-Scrolla.Africa.
UXopher ungumuntu wangempela, kodwa ufihla imingcele yokuthi isipiliyoni sobuciko singaba yini.
Uzama ukwazisa abantu abaningi ngobuyena kanye nobuciko bakhe. “Igama elithiXopher ligqugquzelwe kakhulu i-Japan Anime visual reality photography.”echaza.
Usebenzisa ubuchwepheshe be-augmented reality (AR) ukuhlanganisa okwenzeka emhlabeni nokwenzeka ngemuva kwamadijithali esebenzisa umakhalekhukhwini.
“Ngokungafani neqiniso elibonakalayo elenza i-artificial environment, i-AR isebenzisa ulwazi elithola emhlabeni wonke oluhambisana nemininingwane ye-general perceptual,” ngokusho kwewebhusayithi ye-Techtarget.
Ukwethulwa kukaXopher kwezobuciko kwenzeka ngesikhathi umama wakhe ethengela yena nomfowabo ikhamera yevidiyo esikoleni samabanga aphezulu. Bayisebenzisele ukwenza kabusha amavidiyo omculo abawathandayo waphinde wathwebula izithombe eminyakeni embalwa ngemuva kokuphothula e-Boston Media House.
Umsebenzi wakamuva kaXopher uhlanganisa umbukiso owenziwe ngomvalelandlini obizwa nge-Inside/Outside gallery, okwakungumbukiso we-AR.
UXopher futhi ungumlandisi wezindaba, umthwebuli wezithombe zase-cinema, umthwebuli wezithombe kanye nomenzi wamafilimu.
Phakathi kuka-2014 no-2022 usebenze njengomqambi wedijithali we-Curiosity Africa, i-POP Art, i-Virtual National Arts Festival kanye ne-FNB Art Joburg. Uphinde waphatha umbukiso we-inthanethi obizwa ngokuthi i-Afrodelic Trip Faces of Reality Mixed” ye-Fakugesi African Digital Innovation Festival.
Uhlanganyele nedlanzana labaculi, abafana noMoney Badoo, uZulo noMoonchild Sanelly emikhankasweni yabo yomculo besebenzisa i-augmented reality.
Iphrojekthi kaXopher elandelayo iphrojekthi ye-Red Bull digital filter, ezokwethulwa ngasekupheleni kwalo nyaka. Uphinde asebenze embukisweni eyedwa obizwa ngokuthi “Sleepwalker”, ohlelelwe uLwezi.
Isithombe esingenhla: Iciko elingaziwa
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe