Lubhalwe nguThathe Msimango
Usezibonise njengomunye wabasubathi abahamba phambili kuleli uTumi Ramokgopa ngenxa yemidlalo emangalisayo kuma-SA Junior Championships akamuva eMgungundlovu.
Lo msubathi oneminyaka engu-16 ubudala unqobe izicoco zezwe ezimbili okungumjaho ka-100m awuqede ngemizuzwana engu-13.53 kanye nomjaho ka-400m awuqede ngemizuzwana engu-59.26.
URamokgopa odabuka e-Athletics Gauteng North (AGN) ofunda ekolishi ebizwa nge-Prestige naye uthukile ngempumelelo yakhe kulo mqhudelwano.
Ekhuluma ne-Scrolla Africa uveze ukuthi ubelindele ukunqoba umjaho ka-100m, kodwa ukunqoba kwakhe ku-400m kube ibhonasi eyengeziwe.
“Le mijaho ikhuphula izinga engikulo njengoba bengisebenza kanzima ukulungiselela yona.”
Naphezu kokuphumelela kwakhe ezingeni elincane, uRamokgopa ubhekene nenselelo entsha njengoba engenela umqhudelwano we-Track and Field Championships e-Potchefstroom, e-North West.
Uphume kwinombolo yesithathu ku-100m ngoLwesine kanti amehlo akhe abheke kowamanqamu ngoMgqibelo.
“Ngicabanga ukuthi uma nginganqoba ngoMgqibelo ngingajabula,” kusho lo msubathi.
URamokgopa uyazethemba ngekhono lakhe lokuphumelela ezingeni eliphezulu, kodwa kuzomele anyuse amasokisi njengoba umqhudelwano usuzoshuba kakhulu.
“Izinto sezihlukile manje, kodwa ngicabanga ukuthi lo umqhudelwano engiwudingayo empilweni yami kuzodingeka ngigijime ngokuzethemba.”
“Ngakho-ke, lokhu okwenzekayo ngikwamukela ngezandla zombili ukuze ngithuthuke futhi ngihlonishwe njengomunye wabasubathi abahamba phambili kuleli.”
Njengoba eqeqeshwa uGeorge Bradley wodumo, uRamokgopa ugxile ekuthuthukiseni izinga lakhe nokuthola izindondo ezengeziwe esikhathini esizayo.
Ngethalente lakhe nokuzimisela, lesi sihlabani esisafufusa sizoqhubeka nokugqama kwezomjaho.
Osesithombeni esingenhla: UTumi Romokgopa
Umthombo wesithombe: Menlopark School