Uzimisele ngokuvikela isicoco sakhe uThunder

Linda Ximba

UMapule “Thunder” Ngubane usekulungele ukubuyisela isicoco sakhe saseNingizimu Afrika se-middleweight emuva kweminyaka emihlanu ephoqeleke ukuthi asilahle ngenxa yokungadlali.

Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala waKwaZulu-Natali. ozinze e-Gauteng, uhlelelwe ukuhlangana noRushda Mallick wase-Western Cape ukuyolwela isicoco esingenamuntu eThekwini ngenyanga ezayo.

UNgubane uthe waphatheka kabi ngesikhathi iziphathimandla ze-Boxing South Africa zimazisa ukuthi usephucwa isicoco sakhe ngemuva kweminyaka emine engasivikeli.

“Ngaphandle kokubamba amatoho endaweni yokugeza izimoto lapha eJozi anginawo umsebenzi. Okwangizwisa ubuhlungu kakhulu ukuthi sengike ngasivikela kanye selokhu nganqoba u-Esther Matshiya ngonyaka ka-2014,” kusho uNgubane owaqala isibhakela ngonyaka ka-2010.

“Ngiziphilisa ngesibhakela ngoba nginomndeni okumele ngiwubheke eMgungundlovu.

Uthole ithuba lokudla isicoco se-WBF nese-Commonwealth kodwa wagcina ehlulwe izimbangi zakhe.

“Ngifunde lukhulu kulokho kuhlulwa kanzima. Imbangi yami kumele izilungiselele impi,” kusho uNkz uNgubane ongumpetha, oqeqeshwa nguSamson Ndlovu owayengumshayisibhakela e-Soweto. 

Imbangi yakhe, uMallick, uyimfundamakhwela enerekhodi lokuwina kabili, ukuhlulwa nokulingana. Uzobhekana nobunzima njengoba azolwa naye  unamandla futhi useke walwa  nabantu abayishumi. 

Emdlalweni wakhe wokugcina uThunder wanqoba uLilian Molala ekuqaleni konyaka odlule.

Impi kaNgubane isemqoka kakhulu  kwi-DMZ Boxing Promotions enezimpi zangaphansi eziyisikhombisa.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva