Uzimisele ngokumela elakuleli umsubathi owine umjaho ka52km

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi uNtsindiso Mphakathi ugijime ngendlela emangalisayo ngesikhath evikela ngempumelelo isicoco sikaPrince Mangosuthu Buthelezi 52 km e-Dundee, enyakatho neKwaZulu-Natal ngeSonto.

Lo msubathi we-Intsika Athletics Club ushiye wonke umuntu waqeda ngesikhathi esingu-2:56:29 okuyirekhodi elisha. 

UMsawenkosi Mthalane osanda kuphuma endaweni yesine ku-Two Oceans, ulandele ngemuva endaweni yesibili kanti uWinfred Mutiro uphume endaweni yesithathu. Kodwa kube uMphakathi ohlomule isheke lika-R100k ngenxa yomzamo wakhe omkhulu.

Ngemuva komjaho oneminyaka engu-33 ubudala ukhulume ngokunqoba kwakhe wathi, “Umjaho uhambe kahle kakhulu. Ngize lapha nginesu lokunqoba umjaho kalula. Njengoba ngize lapha njengomshubathi ongumpetha, wonke amehlo abebheke mina.”

Kodwa akubanga lula konke, uMphakathi uveze ukuthi ubekhululekile emjahweni emningi, kodwa ngesiwombe sesibili uqale ukuhlasela ehola umjaho wamakhilomitha amane okugcina eshiya kungekho osondela kuye.

Uqhube wathi, “Bekungelula ukuthi bangidlule.” UMphakathi uveze ukuthi uzolandela nge-Comrades Marathon ngoNtulikazi futhi uyazethemba ukuthi uzophuma phambili. “Nginethemba lokuthi ngizokwenza kahle ngoba ngisesimweni esihle sokuphonsela inselelo umjaho onzima.”

Elakuleli linenhlanhla yokuba nomsubathi onomndlandla ongaka ozimisele ukumela izwe lethu.

Isithombe esingenhla: UNtsindiso Mphakathi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva