Uzimisele ngokuba umpetha womhlaba umdlali wethenisi

Razeen Gutta

Umdlali wethenisi osemusha uCarlos Alcaraz uqhubekile nokukhuphukela esicongweni ngokunqoba okumangalisayo ehlula u-Alexander Zverev kowamanqamu we-Madrid Open ngeSonto.

U-Alcaraz obehlanganisa iminyaka engu-19 ngoLwesine unqobe njengoRafael Nadal noNovak Djokovic kuma-quarter yemidlalo eyandulela owamanqamu ngokulandelana ngaphambi kokunqoba i-Madrid Open ngo-6-3 nango-6-1 esikhathini esingangehora kule mpelasonto edlule. 

Lo mdlali wase-Spain manje usenyukele endaweni yesithupha emhlabeni wonke  ngokumangalisayo esuka endaweni ka-120 nyakenye futhi ugxile ekunqobeni okukhulu kwe-slam.

“Ngifuna ngempela ukuya e-Paris ukuze nginqobe i-grand slam ngikhombise izinga lami nge-grand slam. Abantu bazongithatha njengentandokazi, kodwa lokho ngikuthatha njengento ekhuthazayo,” esho esithangamini nabezindaba.

“Ngisalelwe imidlalo emihlani ukuze ngibe ngumdlali ovelele emhlabeni. Ngineminyaka engu-19 ubudala engicabanga ukuthi kuwukhiye wokudlala  imidlalo emide nenzima ilandelana. Ngizizwa ngikulungele ngokomzimba.

“Kumnandi impela ukuhlula  laba badlali. 

Ukwehlula abadlali ababili abahamba phambili emlandweni ngisho noZverev okwinombolo yesithathu emhlabeni ongumdlali osezingeni eliphezulu. Ngingathi leli isonto elingcono kakhulu empilweni yami.”

Izihloko zakamuva