UZikalala uxolisile ngokuhlekisa uShenge

Celani Sikhakhane

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, uphoqeleke ukuthi axolise ngokuhlekisa nokulingisa uNdunankulu weSilo samaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

UZikalala akavunyelwanga ukuthi akhulume ePhalamende Lentsha ebeliseMtubatuba ngoLwesine eledlule ngaphambi kokuthi axolise.

UNdunankulu usexolisile futhi uchaze uButhelezi njengomuntu omdala onobuqotho ofanele ukuhlonishwa ngabantu bakuleli.

“Ngimhlonipha kakhulu uNdunankulu weSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, uShenge. Ngithanda ukuxolisa kakhulu ngalokho engikukhulumile,” kusho uZikalala

Ihlaya elenziwe uZikalala ngoButhelezi lenzeke emhlanganweni wePhalamende leZingane emasontweni amathathu edlule.

Kuthiwa utshele iPhalamende leZingane ukuthi uButhelezi akezwakali ngoba uyangingiza. Waze wamlingisa.

UButhelezi uluthathele phezulu lolu daba wabikela uMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi kunenkulumompikiswano ePhalamende.

Ugcizelele ukuthi uZikalala umgcone phambi kwendodakazi yakhe endala uNksz Phumzile oyilungu lesiShayamthetho saseKZN.

Uqhubeke ngokuchaza uZikalala njengomuntu oyisidlakela osefake iqembu lakhe nePhalamende laseKZN ehlazweni ngokubandakanyeka empini noDJ Ngizwe Mchunu.

Udaba lwalaba ababili lufinyelele esiphethweni ngemuva kokuthi uMchunu noZikalala bethathe isinqumo sokuhoxisa amacala abebevulelene wona ngale mpi.

UZikalala akayena umholi wokuqala we-ANC ophoqwe ukuthi axolise kuButhelezi.

Ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema esanguMengameli wophiko lwentsha lwe-ANC wabiza uButhelezi njengephutha lasefemini ye-ANC kodwa ngo-2014 waya kuButhelezi wayoxolisa.

Waphinde wamupha nenkomo emzini wakhe eMahlabathini.

Izihloko zakamuva