UZikalala noNgizwe babambene ngezihluthu

Celani Sikhakhane

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, nowayengu-DJ emsakazweni uKhozi FM, uNgizwe Mchunu, bavulelene amacala okushaya ngemuva kokuqubuka kwengxabano phakathi kwabo ngoMgqibelo.

Bobabili uZikalala noMchunu bathi bahlaselwe ngaphandle kwesizathu ngemuva kokuthi u-DJ ekhulume noNdunankulu emcimbini weNgoma kaZwelonke Maskandi obusenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.

I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sihambe etendeni lezicukhuthwane lapho besihlezi khona.

NgeSonto, uhulumeni wesifundazwe sase-KZN ushicilele isitatimende esiqinisekisa ukuthi uZikalala uvulele uMchunu icala lokushaya nokulimaza.

Ngokwesitatimende uMchunu “uye lapho obekuhleli khona uNdunankulu, waqala waqhulula uNdunankulu ngenhlamba.

“Ngenxa yalokhu kuze kwadingeka ukuthi kungenelele abantu abaseduze. Ngosizo lonogada, uNdunankulu kudingeke ukuthi ahambe emcimbini.”

Sekuphele izinyanga uMchunu ebugxeka kakhulu ubuholi bukaZikalala esifundazweni.

UMchunu, ongumlandeli wokuqina kaMnu Jacob Zuma owaboshelwa ukugqugquzela udlame kulandela izibhelu zangoNtulikazi ngo-2021, usole uZikalala ngokuhluleka ukweseka owayenguMengameli.

Isitatimende sithi “kuke kwaba nochungechunge lapho uMnu uNgizwe Mchunu akhuluma khona amazwi ayiziswana kuNdunankulu ngaphandle kwezizathu noma ukuchukuluzwa”.

Ihhovisi likaZikalala alitholakalanga ukuze liphawule.

Indlela uMchunu alandisa ngayo ngalesi sigameko ihluke kakhulu. Ngokusho kwalo DJ, uZikalala umbizile wambuza ukuthi kungani ehlezi emthuka.

“Ngesikhathi engibiza ngiye kuye ngafike ngaguqa njengophawu lwenhlonipho. Ube esengibuza ukuthi ngifunani kuye, waqala ukungishaya. Ngaleso sikhathi ubebukeka edakiwe,” kusho uMchunu etshela i-Scrolla.Africa.

UMchunu uthi uNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane usukumile wabuza uNdunankulu ukuthi wenzani.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akaphilile ngemuva kwehlazo nobuhlungu abuzwile.

Abagqugquzeli balo mcimbi bamvimbelile uMchunu ukuthi angangeni lapho bekuhleli kkhona izicukuthwane kuze kuphele umcimbi ukuze kugwemeke ezinye izinkinga.

Lesi sigameko sesiphenduke ithuluzi lepolitiki kwi-ANC lokuketula uZikalala engqungqutheleni ezayo yokukhetha ubuholi besifundazwe. Isiqubulo esithi “AKABUYI” – esisho ukuthi angeke esakhethwa – sithathwe yizimbangi zakhe.

UNgizwe uke wathuka uMengameli uCyril Ramaphosa nokwaze kwaholela ekutheni uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnu Senzo Mchunu, ambize azomkhuza nabadala bomndeni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Athlenda Mathew uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya elivulwe esiteshini samaphoyisa e-Durban Central.

Izihloko zakamuva