Uzigwaze ngowakhe uNgizwe ehliphiza abeGagasi FM 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Kungenzeka ukuthi lowo owayengumsakazi woKhozi FM uDJ Ngizwe “Zulu Charmer” Mchunu uzigwaze ngowakhe ngesikhathi ephazamisa amathuba akhe okubuyela emsakazweni.

Lokhu kungemuva kokuthi ekhwele wadilika kubaphathi beGagasi FM ngokungenzi kahle ngemuva kokuhoxisa ingxoxo yakhe ngomzuzu wokugcina.

UMchunu ubehlelelwe ukuba abekhona njengesimenywa ohlelweni lwe-Hangout noZisto Ntombela ngoLwesihlanu.

Nokho abaphathi besiteshi balushintshile uhlelo base bekhetha ukumshayela ucingo.

Lesi senzo sicasule uMchunu kakhulu obesebhalile ezinkundleni zokuxhumana ngokuqala kwakhe kwiGagasi

“Le nto eyenziwe ngabaphathi beGagasi ayinabo ubuhlakani. Manje ngithini kubalandeli bami? Lokhu kungenza ngibukeke sengathi nginamanga. Lokhu akulungile neze,” kubhoka uMchunu emsakazweni wakhe kwi-inthanethi.

UZisto uthi utshelwe ukuthi uMchunu akumele esazihlupha ngokuza esitudiyo njengoba ingxoxo izokwenziwa ngocingo.

Imithombo ithi abaphathi bebengenayo inkinga yokufaka uMchunu emsakazweni ngenxa yokuthandwa kwakhe, kodwa ngemuva kokukhombisa intukuthelo yakhe esidlangalaleni babonakala bemanqika.

Okhulumela isiteshi somsakazo saseThekwini, uKhulekani Shandu uthi kube nokungaxhumani phakathi kwalo msakazo noMchunu.

“Noma kunjalo ubehlelelwe ukuba isivakashi kulolu hlelo. Mayelana nokuthi sizommema yini esikhathini esizayo, angikwazi ukuzibophezela kulokho,” kusho uShandu etshela i-Scrolla.Africa.

UMchunu unomsakazo we-inthanethi awusungule ngo-2019 ngemuva kokuxoshwa uKhozi FM ngenxa yokungaziphathi kahle. Unabalandeli abangaphezu kuka-25,000. Usebenzisa wona ukuphawula noma ingani asuke efisa ukukhuluma ngayo. Ubuye akhulume nangecala lakhe elithinta izibhelu zikaJulayi nyakenye zokutapa. 

Njengamanje ungaphandle ngebheyili ngemuva kokuthweswa icala lokugqugquzela udlame emphakathini kanye nokwephula uMthetho Wokulawulwa Kwezinhlekelele phakathi nezibhelu zikaNtulikazi nyakenye kuleli.

Osesithombeni esingenhla: Owayengu-DJ woKhozi FM uNgizwe Mchunu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva