Uzigwaze ngowakhe uBilliat eshiya AmaKhosi

Ezemidlalo: UKhama Billiat usehlale cishe unyaka engenaqembu futhi lokho kuyiphutha lakhe, kubhala uMichael Madyira.

Ezinyangeni eziyisishiyagalombili eshiye izingxoxo neKaizer Chiefs ngenkontileka entsha, uKhama Billiat namanje akanaqembu.

Lo mdlali (33), ubelwela ukuthola iqembu elisha ngemuva kokunqaba ukwehliselwa umholo kuChiefs.

Imibiko yakuleli sonto iveze ukuthi usengxoxweni neqembu lase-Zimbabwe i-Dynamos FC nokuthi udaba lwamaholo yilona olubambe iqhaza elikhulu kulezo zingxoxo.

Kumdlali owake waba nethonya futhi ongaya kunoma yiliphi iqembu le-Premier Soccer League, ukuya e-DeMbare kuyigxathu elimbuyisela emuva.

Impela, akuseyena uBilliat omdala esimaziyo owahlabana nge-PSL Footballer of the Season ka-2015-16 ngesikhathi ekuMamelodi Sundowns noma umdlali onohlonze nonekhono ofike kuChiefs ngo-2017. Kodwa kusekuningi asangakwenza.

NgoNcwaba 2020, uBilliat wahlukana ne-ejenti yakhe yangaleso sikhathi uMichael Ngobeni ophethe abadlali abaningi bebhola kwi-PSL ngaphansi kwesandla sakhe.

UBilliat wabe eseqoka umngani wakhe wakudala uGodfrey “Vokal” Bakasa njenge-ejenti yakhe.

UBilliat noBakasa bebesebenza ndawonye e-Aces Youth Soccer Academy e-Harare, kanye nabadlali abathathu beChiefs uKnowledge Musona, uLincoln Zvasiya noBrian Abbas Amidu.

Kodwa uBakasa wayeka ibhola ngaphambi kokuba abe sezingeni eliphezulu ngenxa yokulimala okwakungapholi futhi manje usengumdidiyeli womculo nomgqugquzeli owaziwa ngelikaVokal.

Akanaso isipiliyoni sokumela abadlali futhi akabhalisiwe ku-Fifa njengomxhumanisi.

UBilliat ubeyedwa ekuthungatheni iqembu elisha njengoba sekuze kwaphela izinyanga eziyisishiyagalombili engaholi.

I-ejenti enolwazi nesipiliyoni ngabe kade yamtholela iqembu uBilliat.

Mhlawumbe lo mdlali owake wadlala kuChiefs kufanele azithobe athole umphathi omusha okungenzeka kube yinkontileka yakhe yokugcina.

Esithombeni esingenhla: Owayengumdlali weKaizer Chiefs uKhama Billiat. 

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva