Uzigwaze ngowakhe owe-Twitter evula inkundla yokuvota 

U-Elon Musk uzigwaze ngowakhe ngokusungula inkundla yokuvota ku-Twitter engahambanga ngendlela abeyilindele.

Enkundleni yokuvota ayivule ngeSonto ebusuku bangaphezulu kwezigidi eziyishumi abantu abavotele ukuthi ehle esikhundleni sokuba ngumphathi we-Twitter kulandela ukuqala kwakhe ngendlela engesiyo lenkundla yezokuxhumana.

Ngesikhathi efuna kuvotwe, uMusk uthembise abalandeli bakhe ukuthi uzohlonipha imiphumela yamavoti. Njengoba ukuvota kuvalwe ngoMsombuluko, u-57.5% uthe kumele ehle esikhundleni.

Ngemuva kokuthi ucwaningo lutshele lo somabhizinisi ongathembekile ukuthi akashenxe esikhundleni, egcizelela uthe akekho ozongena esikhundleni noma olindele ukuthi athathe izintambo.

UMusk ubhale ku-Twitter wathi: “Akekho ofuna lomsebenzi akekho ongagcina i-Twitter iyinkundla yezokuxhumana ihamba phambili.”

Uphinde waphendula omunye umlandeli we-Twitter othe bangenza umsebenzi ongcono kakhulu kunalokhu asekwenzile kuze kube imanje.

Uziphendulele wathi: “Kumele ubuthande kakhulu ubuhlungu futhi kufanele utshale imali yakho oyilondolozayo ku-Twitter.”

Ngokusho kwe-Forbes uMusk walahlekelwa isithunzi sakhe njengomuntu ocebe kakhulu emhlabeni ngenyanga edlule kuBernard Arnault nomndeni wakhe. Utshele umlandeli we-Twitter ukuthi selokhu athola le sayithi ibimqedela imali wabuza ukuthi. “Usawufuna yini umsebenzi?”

Isinqumo sokuvala i-akhawunti elandelela indawo okuhlala kuyo indiza yakhe eyimfihlo ngesonto eledlule silandelwe inqwaba yokumiswa kwezintatheli ezabika ngokuvalwa kwe-akhawunti.

Ukuthulisa kukaMusk izintatheli kuhlangabezane nokuzakhela amazinyo abushelelezi kubalandeli bakhe.

UMusk unomlando wokusebenzisa ukuvota kwe-Twitter ukwenza izinqumo ezinkulu, ethengisa amasheya akhe e-Tesla holdings ngemuva kokuvota okukodwa nyakenye, ebuyisela i-akhawunti kaDonald Trump ngemuva kwemizuzwana imisiwe ngenyanga edlule futhi wabuyisela inqwaba yama-akhawunti amisiwe okwesithathu.

“Vox Populi, Vox Dei,” kubhala uMusk ku-Twitter ngemuva kokuvota kukaTrump.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe ngenhla: esika-Elon Musk

Umthombo Wesithombe: The Guardian

Izihloko zakamuva