Uzidubule wafa owesilisa obethumbe umndeni womkakhe 

Lubhalwe nguLungi Langa

Owesilisa wase-Verulam okubikwa ukuthi uvalele izihlobo zomkakhe endlini ngoba emsola  ngokuphinga uzidubule wafa.

Lo wesilisa obeneminyaka engu-65 ubudala wase-Mountview KwaZulu-Natal okubikwa ukuthi uvalele umndeni amahora ayisithupha ugcine ezibulele ngokuzidubula esifubeni ngemuva kokukhuluma nonkosikazi wakhe ocingweni.

Okhulumela inkampani yonogada ezimele, i-Reaction Unit South Africa (Rusa) uPrem Balram uthe babizwe ukuthi bezolawula isimo ngaphambi kwehora lokuqala ntambama ngoMsombuluko ngemuva kokuthi umsolwa engene emzini wezihlobo zikamkakhe wazivalela ngaphakathi.

Kulo muzi bekukhona isalukazi esineminyaka engu-68, indodakazi yaso eneminyaka engu-38, nabazukulu abaneminyaka engu-18 no-12.

UBalram uthi ngesikhathi ithimba labo lifika lithole ukuthi lo wesilisa udubule umfana oneminyaka engu-18, walimala.

“Ube esevuma ukuthi bathathe lo mfana olimele okusolwa ukuthi umdubule esandleni sobunxele, kanti ulashelwe inxeba lokudutshulwa abezimo eziphuthumayo bakwa-Rusa endaweni ephephile, kodwa lo wesilisa ubesengaphakathi nezihlobo zikankosikazi wakhe,” kusho uBalram.

UBalram uthi umsolwa ubesola unkosikazi wakhe ngokuphinga. Uphinde wakholelwa ukuthi owesifazane oneminyaka engu-38 ubudala ubebazi lobu budlelwano futhi uyabeseka.

“Umshayeli weloli ongasebenzi ucele ukuthi unkosikazi wakhe ahanjiswe endaweni yesigameko futhi avunyelwe ukungena endlini,” kusho uBalram.

Amaphoyisa asenqabile isicelo sakhe njengoba ebekholelwa ukuthi ubehlose ukumdubula.

UBalram uthi sekuqinisekisiwe ukuthi umsolwa ubephethe isibhamu esingenayo ilayisensi. 

Obexoxisana nomsolwa ovela  embuthweni wamaphoyisa eSAPS uzame ukudambisa isimo ngesikhathi amalungu e-SAPS Special Task Force (STF) ezungeze umuzi. UBalram uthi amaphoyisa akwazile ukugqekeza umnyango wangaphambili ngemuva kwehora lesithupha ngoMsombuluko. Kungaleso sikhathi bethole khona isidumbu sikamsolwa kwelinye lamagumbi okulala sinenxeba lokudutshulwa esifubeni.

UBalram uthi abezokwelapha bethimba le-Rusa bahlole lona wesilisa bathola ukuthi useshonile.

“Ngokusho kwesinye sezisulu umsolwa ukhulume nomkakhe ngocingo ngaphambi kokuthi adlulele ekamelweni. Bezwa kuqhuma isibhamu ngemuva nje kwalokho. Abebethunjiwe abathathu bahlukumezekile, kodwa abekho abanye abalimele ababikiwe,” kusho uBalram.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngemuva kwezinsolo zokuthi umsolwa oneminyaka engu-65 uzidubule ngesikhathi ethumbe umndeni womkakhe. 

Isithombe esingenhla: esamaphoyisa akwa-SAPS nethimba lonogada be-Reaction Unit South Africa Rusa okudingeke ukuthi bangenelele ngesikhathi owesilisa ethumbe izihlobo zikamkakhe.

Umthombo wesithombe: Rusa

Izihloko zakamuva