Uzidonsele amanzi ngomsele owaqokwa i-PSL

Menzi Magubane

Umshushisi osanda kuqokwa kwi-Premier Soccer League (PSL) uZola Majavu usebhekene nenqwaba yamacala okuqondiswa kwezigwegwe kusukela ngoLwezi ngonyaka odlule.

Izinkinga zaqala ngokusula esikhundleni kukaNande Becker ngasekupheleni konyaka ka-2021.

UMajavu uzobe ebhekene nengwadla kuyo yonke isizini eyoze iphele ngoNhlaba. Ngaleso sikhathi uyobe elindeleke ukuthi ebe eselulungisile udaba lwe-Kaizer Chiefs oseluthathe isikhathi eside kunalokho obekulindelekile.

Usihlalo we-PSL u-Irvin Khoza, bekulindeleke ukuthi afike emaphethelweni ngodaba lokungadlali kwe-Chiefs emidlalweni emibili ye-DStv Premiership ngoZibandlela. Kodwa ngoLwesithathu akakwazanga ukunikeza incazelo ecacile yokuthi kungani lolu daba luthathe isikhathi eside kangaka.

Kunalokho uthe ithimba labammeli balolu phiko lizobhekana nayo ngokuhamba kwesikhathi.

UKhoza ukubeke kwacaca ukuthi iligi yasichitha isicelo saMakhosi sokuhlehlisa yonke imidlalo yawo ngoZibandlela.

Manje uMajavu sekufanele enze umsebenzi ohlule uKhoza athathe amaphuzu ayisithupha awanikeze i-Cape Town City ne-Golden Arrows okuyimidlalo emibili i-Chiefs engazange iyidlale.

Olunye udaba olusematheni udaba oluthinta umnikazi we-TS Galaxy uTim Sukazi owanqatshelwa ukungena enkundleni wakhonjwa indlela emdlalweni we-Orlando Pirates enkundleli yase-Orlando ngoZibandlela.

Khonamanjalo, isikhulu sabezindaba se-Pirates uThandi Merafe kulindeleke ukuthi afake esinye isicelo enkantolo ngecala lokushaya elavulelwa yena livulwa isikhulu se-Galaxy uMinenhle Mkhize. Kusolakala ukuthi uMerafe washaya uMkhize ngempama ngesikhathi kunesiphithiphithi enkundleni yase-Orlando.

UMajavu oqokwe ngoZibandlela uthe wanikezwa imininingwane ngomsebenzi wakhe eyinikwa ilowo owayengaphambi kwakhe ngokomsebenzi.

“Kuze kwaphela inyanga kaZibandlela sisebenza ngokukhulu ukuzimisela. Ngiyazi ukuthi yini esele nokuthi yini ekumele siyenze ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMajavu.

“Mina nethimba lami siyahlangana ukuze sidingide ngohlelo lwale phrojekthi. Umbono esiqhamuke nawo kumele sisebenzise lenyanga kaMasingana ukuze siqede wonke umsebenzi osele.”

Umthombo wesithombe: @Saddammaake

Izihloko zakamuva