Uzibulele umfundi obehlukunyezwa othisha 

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

U-Akonaho Masikhwa ushiye incwadi yokuzibulala egagula othisha ababili abamhlukumezile eBababa Secondary School.

Unina uthi akekho esikoleni oseke wavakashela umndeni kusukela kwenzeke le nhlekelele ngoLwesibili.

U-Akonaho Masikhwa utholwe eshonile kubo ngoLwesibili. Lo mfundi kaGrade 9 ushiye incwadi ethi usekhathele ukuhlukunyezwa ngothisha baseBababa Secondary School.

Unina ocele ukungadalulwa, uthi indodana yakhe ibikhululekile futhi izwana nawo wonke umuntu. Akaqondi ukuthi yini emenze wathatha umphefumulo wakhe.

“Kubuhlungu ukushonelwa yingane ngale ndlela kanti siwumndeni sihlukumezeke kakhulu,” kusho yena.

“Kodwa okubuhlungu kakhulu ukuthi ngeke sazi ukuthi kuthiweni endodaneni yami eholele ekutheni izibulale. Incwadi ayishiyile ubhale ukuthi kunothisha ababili abasho noma abamenze okuthile esikoleni.”

Umama ososizini uthi akekho noyedwa waseBababa Secondary School oseke wavakashela umndeni selokhu kushone indodana yakhe. Kufike umphathi wesifunda sezemfundo kuphela ezobabona.

“Besifisa ukubabona abanye abantu basesikoleni kodwa kuze kube manje akekho oseke wafika noma nokufona,” kusho yena.

“Kubukeka sengathi kukhona abakwaziyo esingakwazi noma kukhona abazama ukumvikela.”

Abanye abafundi batshele umndeni ukuthi abanye othisha baseBababa Secondary bahlukumeza abafundi ngenxa yemvelaphi yabo. Umama uthi abafundi basho amagama alabo thisha ababhalwe indodana yakhe  encwadini. 

“Ngiyise indodana yami esikoleni ukuze ifunde ibe wutho empilweni kodwa manje bheka osekwenzekile,” kusho yena.

“Uzibulele ngenxa yesikole. Bengingasoli ukuthi kungenzeka ukuthi ubhekene nezinselelo esikoleni njengoba engumuntu ovulelekile nokwaziyo ukungixoxela ngakho konke.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMike Maringa uthi izikhulu zilinde umbiko ngokwenzekile. Ukuqinisekisile ukuthi bayibonile ikhophi yencwadi yokuzibulala.

Umama usenxuse othisha baseBababa ukuthi bayeke ukuhlukumeza abafundi.

“Uma kuyiqiniso ukuthi kunothisha abahlukumeza abafundi esikoleni kungcono bayeke ngaphambi kokuthi kushone abantu abaningi,” usho kanje.

“Akubona bonke abantu abasha abakwazi ukuzimela uma behlukunyezwa ngoba  abanye bayashesha ukuzwela. Ngiyacela niyeke.”

Amaphoyisa awatholakalanga ukuthi aphawule.

Abasesithombeni esingenhla: Abanye babafundi baseBababa Secondary School. 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva