Uzibulele umfundi obegconwa abanye ngobubi

Lubhalwe nguLungi Langa

Umndeni wentombazane yase-Creighton ezibulele ngemuva kokugconwa ngendlela ebukeka ngayo esikoleni ufuna kufundwe incwadi yakhe ayishiyile ngaphambi kokuzibulala ngesikhathi senkonzo yesikhumbuzo sakhe esikoleni.

Lokhu kungemuva kokuthi u-Andiswa Chiya obefunda ibanga lesikhombisa esikoleni samabanga aphezulu e-Sonyongane, e-Creighton ezibulele ngoLwesihlanu ekuseni  ngesikhathi abanye abafundi belungiselela ukuya esikoleni.

Ugogo wakhe, uJabulile Motaung uthe umndeni usashaqekile ngokushona kuka-Andiswa.

UMotaung uthe umndeni ufisa ukuthi kufundwe incwadi yakhe ayibhale ngaphambi kokuzibulala ngesikhathi kuqhubeka  inkonzo yesikhumbuzo sakhe.

“Sifisa bazi ukuthi kungani u-Andiswa ethathe lesi sinqumo futhi sifuna nezinye izingane ziqonde ukuthi ibucayi kangakanani indaba yobuqhwaga esikoleni,” kusho uMotaung etshela i-Scrolla.Africa.

Encwadini u-Andiswa ukhale ngokungamukeleki emhlabeni. Ubhale ukuthi nabanye abafundi abahlala endaweni yangakubo abayithandi indlela abukeka ngayo futhi bebehlezi bembuza ukuthi uyintombazane enjani ebukeka ngendlela abukeka ngayo.

“Okubuhlungu ukuthi ezinye zalezi zingane zikhule naye, kodwa bezihlezi zimugcona. Sifisa sengathi ngabe usivulele isifuba ngalokhu,” kusho uMotaung.

U-Andiswa (16) ubaziwa njengomfundi osezingeni eliphezulu futhi okhaliphile namaphupho okuthi ngelinye ilanga uzoba udokotela.

“Ubeyingane ehlezi izithulele ehlale exolisa uma kukhona okungalungile akwenzile. Ubewuhlobo lwengane ehlale yenza yonke into ngendlela omcele ngayo ukuthi ayenze.

“Ubengeyona ingane ehluphayo. Siphatheke kabuhlungu singumndeni ngenxa yokuzibulala kwakhe,” kusho uMotaung.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza unxuse abazali ukuthi bakhulume nezingane zabo mayelana nendlela okumele baphilise ngayo abanye abantwana.

UMnu Mthobisi Dlamini oyikhansela kule ndawo uthe uhlangane nalesi sikole ngemizamo yokuqhamuka nohlelo oluzosiza ukulwa nesihlava sokuhlukumezana esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa avule idokodo lokuphenya ngemuva kwesigameko sokuzibulala komfundi.

Esithombeni esingenhla: U-Andiswa Chiya ozibulele ngenxa yokuhlekwa izingane esikoleni

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva