Uzibulele osolwa ngokuqotha umndeni wakhe ngesibhamu

Celani Sikhakhane

Uhlalele ovalweni umphakathi waso-Lundi ngemuva kokuba ikhehla ebelineminyaka engu-63 lidubule unkosikazi walo nezingane ezine ngeSonto ngaphambi kokuthi lizidubule nalo ngenxa yokuthi indodana yalo ithengele umama wayo umbhede omusha.

Imithombo ithe umsolwa akazange aphikise ngesikhathi indodana yakhela unina igumbi. Ubudlelwano bukababa nonkosikazi wakhe bebuhamba kahle kusho umakhelwane. Kodwa indodana endala ibizama ukulungisa.

NgeSonto indodana ilethe umbhede omusha uyise wabhoka wadubula bonke abebesendlini. Kushone abantu abathathu abanye abathathu balwela izimpilo zabo esibhedlela.

“Umama nobaba bebengasalali egumbini elilodwa kanti nendodana ibihlukumezeka yilesi simo esibona mihla namalanga,” kusho omunye umthombo oveza ukuthi indodana ibizama ukulungisa ubuhlobo.

Umthombo uqhube wathi bekwaziwa ngabangani babashadikazi ukuthi umsolwa ubehlukumeza unkosikazi kanti ubesehlalele ukuvikela izingane zakhe.

“Simangele ngoba lo wesifazane uhlale isikhathi eside ebudlelwaneni abehlukumezeka kubo mihla le,” kusho umthombo.

“Bekumele ahlukane naye, kodwa thina njengabantu besifazane basemakhaya ngeke sikwenze lokho. Abakhwenyana bethu basuke belobolile futhi sesakhe ubuhlobo njengemindeni. Ingakho nakuye kube nzima ukumshiya umnyeni wakhe,” kusho umakhelwane.

Omunye umthombo uthe umsolwa ubevele ejola nomunye wesifazane okuholele ekutheni ahlukumeze unkosikazi wakhe.

“Indodana yayikuzonda lokho ngakho yakha igumbi likanina okuyinto eyaqala zonke izinkinga  ngesikhathi ithenga umbhede omusha nenye impahla yasendlini ukuze iqinisekise ukuthi unina ujabule. Wathi uyise ebona akwenzile waqala ukuthukuthela wadubula wonke umuntu obesendlini,” kusho umthombo.

Ukubulalana sekudlangile esifundeni esikhungethwe udlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.

Emasontweni adlule abaholi bendabuko bakhulume ngokumelana nalesi sihlava bethi kumele kuqedwe udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

ULt Colonel Nqobile Gwala uthe baphenya lolu daba.

“Amaphoyisa aseMahlabathini aphenya amacala okubulala nelokuzama ukubulala. Kusolakala ukuthi ngomhlaka-28 kuNhlaba ngo-17:30 endaweni yaseNtandakuvela owesilisa oneminyaka engu-63 udubule abantu abahlanu waphinde wazidubula naye,” kusho uGwala.

Ababili bashonele endaweni yesigameko kanye nomsolwa kwathi abanye abathathu baphuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa.

Amaphoyisa asaphenya okuholele kulesi sigameko.

Izihloko zakamuva