Uzibulele obenza i-PhD

Kamogelo Olaitan

Ngaphandle kwemvume yokufunda esemthethweni, uPhillip Chuma akakwazanga ukubhalisela unyaka wokufunda ngo-2022.

Ngemuva nje kokuqinisekiswa kwalezi zindaba, umfundi wase-Zimbabwe obenza i-PhD obefunda eNyuvesi yase-Witwatersrand uye wanquma ukuzibulala.

Imvume yokufunda kaChuma iphele ekupheleni kukaMasingana ngo-2022 kanti yize ehambise wonke amaphepha adingekayo eMnyangweni wezaseKhaya  akazange ayithole imvume yakhe.

I-Wits ithe uChuma ubelokhu exhumana noMnyango wezaseKhaya ukuze ucubungule amaphepha akhe – kodwa bekunhlanga zimuka nomoya.

Uzibulale ngempelasonto edlule.

UChuma ubefundela izifundo ze-PhD e-Wits University futhi ubenza ucwaningo ngokuguqulwa kwabasanda kuqeqeshwa emsebenzini wokufundisa e-Zimbabwe.

Uchazwe yile nyuvesi njengomfundi obezinikele obenza i-PhD eSikoleni Sezemfundo, afunde kuso iminyaka emihlanu edlule.

Okhulumela inyuvesi uShirona Patel uthe ngokomthetho, isikhungo ngeke sikwazi ukubhalisa abafundi abaphuma kwamanye amazwe ngaphandle kwemvume yokufunda esemthethweni.

“Azikho izinguquko zenqubomgomo eziphathelene nabafundi abaphuma emazweni angaphandle eminyakeni yamuva nje, futhi inyuvesi ibhalise ngempumelelo abafundi abaphuma emazweni angaphandle abangu-2,020 ngo-2022.

“Ngehhovisi lethu lamazwe ngamazwe, inyuvesi inikeza ukwesekwa okuzinikele kubafundi abaphuma emazweni angaphandle, kanti nakuba senza konke okusemandleni ethu ukusiza ukuxhumana phakathi kwabafundi, abasebenzi, kanye noMnyango Wezasekhaya, asikwazi ukuba nomthelela kwimiphumela yeminyango kahulumeni.”

UPatel wengeze ngokuthi uChuma usanda kuphothula izahluko zokuhlaziya idatha futhi ubematasatasa ebhekisisa akutholile.

“Wethule izingxenye zomsebenzi wakhe ezingqungqutheleni ezimbili zamazwe ngamazwe muva nje futhi ubehlose ukuletha umsebenzi wakhe we-PhD ukuze uhlolwe ngasekupheleni kwalo nyaka,” esho.

Inyuvesi ithi iyasiza ngokubuyisela isidumbu sikaChuma e-Zimbabwe.

NgoLwezi nyakenye, uhulumeni wathatha isinqumo sokungavuseleli izimvume ze-Zimbabwean Exemption, kanti lokho kuzothinta abantu base-Zimbabwe abangaphezu kwabangu-180,000 abahlala kuleli.

Izinhlabgano ezilwela amalungelo abantu  base-Zimbabwe zahambisa uhulumeni enkantolo kodwa icala lachithwa.

Okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uSiyabukela Qoza, utshele i-Media 24 ukuthi uzodinga inombolo yepasi likaChuma ukuze aphawule ngalolu daba.

Izihloko zakamuva