Uzibulele obecwaswa ngokuthandana nabobulili obufanayo

Buziwe Nocuze

ULukhanyo Jongqo (14), uzibulele ngemuva kokuxhashazwa ngabafundi afunda nabo ngoba ethandana nobulili obufanayo.

Lo mfundi obenza ibanga lesikhombisa e-Kubusie Combined School e-Stutterheim, e-Eastern Cape utholwe umama wakhe elenga egumbini lakhe lokulala ngesonto eledlule ngoLwesine.

Umamncane wakhe uNksz Nocawe Jongqo uthe uLukhanyo ubelokhu ekhala ngokuhlukunyezwa abafana esikoleni afunda kuso kusukela ngonyaka odlule.

“Bebembiza ngamagama amabi, sabikela othisha besikole ngethemba lokuthi lolu daba lizoxazululeka. Ukushona kwakhe kuyakhombisa ukuthi lolu daba alukaze lusukunyelwe nokuthi ukuxhashazwa bekusaqhubeka.

Uthe ukuxhashazwa bekukubi kangangokuthi abafana bebenqaba ukuhlala eduze kwakhe ekilasini, bemshiya yedwa.

“Kusazosithatha isikhathi ukuthi silulame ikakhulukazi unina obone indodana yakhe ilenga ishonile. Ubengumfana oziphethe kahle ethanda ukwenza izinwele zethu futhi ubenza imisebenzi yasendlini ngaphandle kokukhononda,” usho kanje.

Isicelo kubazali ukuthi bakhulume nezingane zabo bazame ukuzichazela ukuthi ziyohlezi zihlangana nabantu abahlukile kuzo.

UWarrant Officer Majola Nkohli, okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Eastern Cape, uthe bavule idokodo ukuze kuqhutshekwe nophenyo ngemuva kokuthi umfanyana (14), etholwe eshonile egumbini lakhe lokulala e-Stutterheim.

“Kuphenywa ngezimo ezenzeke ngale ngozi,” kusho uNkohli.

Izihloko zakamuva