Uzibeke phansi izintambo uNdunankulu kaZulu

ubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdunankulu kaZulu usezibeke phansi izintambo esikhundleni sobuMeya kamasipala wesiFunda IZululand njengoba elungiselela ukuyofungiswa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu ngoLwesihlanu.

UMfundisi Thulasizwe Buthelezi kuthe namhlanje ngoLwesine ekuseni wabikela isigungu somkhandlu wamakhansela aseZululand ukuthi ngemuva kweminyaka eyisikhombisa usezibeka phansi izintambo.

“Ngithi anginazise ukuthi sengizibeka phansi izintambo njengeMeya yaseZululand ngemuva kweminyaka eyisikhombisa ngisebenzela umphakathi wakithi. Ngithanda nokubonga iqembu lami okuyi-IFP ngethuba elingiphe lona lokusebenzela abantu baseZululand,” usho kanje.

UButhelezi ungunombolo 9 ohlwini lwe-IFP olubheke eSishayamthetho.

NgoLwesine bekungusuku lokugcina lokuba osopolitiki abafakwe ohlwini oluya eziShayamthetho zeziFundazwe nasePhalamende eKapa, abasafuna ukuqhubeka noma bayahoxa.

IMeya kamasipala waseMngeni yeDA uMnuz Chris Pappas ithe yona iyahoxa ayisayi eSishayamthetho njengoba izinhlelo zayo zokuba uNdunankulu waKwaZulu-Natal zingaphumelelanga

Ithe iqoke ukuba iqhubeke nokuyoqedela umsebenzi wayo wokuthuthukisa abantu baseMngeni kuze kufike unyaka ka-2026.

IMeya kaKhongolose kamasipala wesiFunda iHarry Gwala uMnuz Zamo Nxumalo nayo ithathe isinqumo sokuthi iyahoxa ohlwini ngoba ifuna ukugxila emsebenzini wayo wokuhambisa izidingo kubantu njengemeya.

UNxumalo kuthiwa useyithemba likaKhongolose ukuba abambe umasipala wesiFunda iHarry Gwala ukuthi unganyakazi ngenxa yokuthi ngokhetho loHulumeni baseKhaya ngo-2021 kwabanguye kuphela owakwazi ukuthi avikele uKhongolose ehlazweni lokuthelwa ngenduku nokulahlekelwa inqwaba yomasipala eKZN.

Ngaphandle kwalokho i-ANC ilahlekelwe izihlalo ezingu-30 kulezo ezingu-44 ebinazo iphethe ngazo isiFundazwe.

UNdunankulu waseKZN nongowokuqala wesifazane ukuphatha lesi sikhundla uNkk Nomusa MaDube-Ncube akabuyi njengoba naye izembe limgawulile.

Ubengumombolo 31 ohlwini lwabaholi bakaKhongolose obekumele babuyele eSishayamthetho.

UMaDube-Ncube waba owokuqala wesifazane ukuqhoqhobala esikhundleni sokuba uSomlomo kamasipala iTheku ngesikhathi sikaMeya uMnuz Obed Mlaba.

Ngemuva kwalokho, owayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki wamthatha wayoba inxusa laseNingizimu Afrika eCzech Republic.
Lokhu kuthiwa kwenziwa ngoba wayeseqala ukudlisela ogageni uMlaba kubhekwe okhethweni lwango-2006 njengoba kwakungenzeka kubenguye imeya.

OwayenguMengameli uJacob Zuma wambuyisa waqokelwa ukuba nguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu.

Wahlala amahlandla amabili nokwathi ngemuva kwalokho wafakwa eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nokoNgiwa kweMvelo, wabuye wafakwa koweziMali.

Ngo-2022 waqopha umlando ebangowesifazane wokuqala kusuka ngo-1994 ukuphatha iKZN njengoNdunankulu.

Izihloko zakamuva