Linda Ximba
Umpetha we-WBC uTyson Fury uthi uhlela ukuyeka isibhakela ngemuva kwempi yakhe noDillian Whyte ngoMgqibelo.
Ngaphambi kwempi ebisenkundleni i-Wembley umpetha womhlaba uveze ukuthi uWhyte angaba imbangi yakhe yokugcina.
“Lokhu kungase kube umdlalo wokugcina weGypsy King,” kusho uFury ngemuva kwempi.
“Ngichithe isikhathi esiningi ngisemgwaqeni futhi ngihambe isikhathi eside ngaphinde ngafeza konke ebengifisa ukukufeza. Ngizothatha umhlalaphansi ngibe owesibili emlandweni we-heavyweight ngilandela uRocky Marciano ngithathe umhlalaphansi njengoba ngingahlulwanga kulo mdlalo.”
UWhyte ngokumangazayo usukume wama ngezinyawo ngaphambi kukanompempe njengoba impi imisiwe.
UFury ophinde wagcina ibhande lakhe i-Ring Magazine akakaze ahlulwe emikhawulweni engu-33. UWhyte uhlulwe okwesithathu ezimpini ezingu-31 wahluleka emzamweni wakhe wokuqala wokunqoba isicoco somhlaba.
Uma uFury enquma ukubeka amagilavu lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala uzophuthelwa ithuba lokulwela isicoco esingena muntu, impi okungenzeka ibanjwe ngasekupheleni kwalo nyaka futhi uzophuthelwa ngisho ithuba lokuphakamisa igama lakhe njengompetha we-heavyweight.
U-Olesandr Usyk wase-Ukraine ongakahlulwa ophethe izicoco ze-WBA (Super), i-IBF, i-WBO ne-IBO ulinde ukuthi ahlangane noFury njengoba kuza umdlalo ozoba impinda no-Anthony Joshua.
Unkosikazi kaFury uParis uveze ukuthi angabuyela eringini uma ithuba lokulwela isicoco se-heavyweight lingaphethwe muntu.
“Ngathembisa umkami ukuthi ngizoyeka ngemuva kwempi ka-Deontay Wilder, kodwa ngathola omunye umdlalo e-Wembley kanti ngangibakweleta abalandeli. Le indlela yami yokuphuma,” kusho uFury.
Noma ngabe uFury unquma ukwenzani uzokwehla njengomunye wabashayisibhakela abahamba phambili kunabo bonke abake baba khona.
Nokho ithuba lokuba ngumpetha we-heavyweight elingaphethwe muntu kungaba ithuba elinzima kuFury ukuthi aphuthelwe yilo.
Khonamanjalo uSabelo Ngebiyane waseNingizimu Afrika unqobe isicoco besingenamuntu se-IBF international bantamweight ngemuva kokukhipha u-Ashley Sexton ngendlela exakile emizuliswaneni eyisithupha ngoLwesihlanu e-England.
Ukunqoba kuzonyusa uNgebiyane ezingeni elingcono kanti uma enqobe okungenani izimpi ezintathu angase abe sethubeni lokuthatha isicoco somhlaba.
Umthombo wesithombe: @ReinoDeLuta