UZelensky uhoxisa ukuvakasha kwakhe eNingizimu Afrika ngemuva kokuhlaselwa kwe-Kyiv

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

UZelensky uhoxisa ingxenye yohambo lwaseNingizimu Afrika ngemuva kokuhlaselwa okubulale abantu abayisishiyagalolunye enhlokodolobha yase-Ukraine.

I-Kyiv ne-Kharkiv ihlaselwe ngobusuku obubodwa cishe ngemicibisholo engu-70 nama-drones angu-150, kusho uZelensky.

UMengameli wase-Ukraine, uVolodymyr Zelensky, unqamule uhambo lwakhe lokuya eNingizimu Afrika ngemuva kokuthi imicibisholo yase-Russia ibulale abantu abangu-9 e-Kyiv kwalimala inqwaba.

UZelensky bekumele ahlangane noMengameli uCyril Ramaphosa futhi ahambele eminye imicimbi, kodwa manje useqinisekisile ukuthi uzobuyela e-Ukraine ngokushesha ngemuva kokuhlangana noRamaphosa.

“Ingxenye yohlelo ihoxisiwe,” ebhala ku-X. “Ngibuyela e-Ukraine. UNgqongqoshe wezangaphandle uzoqhubeka nokuvakasha.”

Ukuhlasela kwasebusuku kuhlanganisa imicibisholo ecishe ibe ngu-70 kanye nama-drones angu-150 e-Ukraine, kusho uZelensky. Ucele ukuthi ukuqhuma kwamabhomu kume ngokushesha futhi ngaphandle kwemibandela, wabonga ukusekwa amazwe.

E-Kyiv, iMeya uVitali Klitschko ithe kulimale abantu abangu-77 kwalimala izakhiwo ezingu-12. Abantu abangu-31 basesibhedlela.

E-Kharkiv, iMeya u-Igor Terekhov uthe bahlaselwe izikhathi ezingu-24,l edolobheni, imicibisholo engu-10 nama-drone angu-14.

Kulimale abantu ababili kwacekelwa phansi izakhiwo eziningi okubalwa isikole nehhotela.

Lokhu kuhlaselwa kuza ngemuva kokuhlaselwa ngomhlaka-8 kuNtulikazi ngonyaka odlule, lapho kwabulawa abantu abangu-34 kwalimala abangu-121 ngemva kokuba imicibisholo yase-Russia ishaye isibhedlela sezingane nezinye izindawo ezivamile.

Okwakamuva kuza ngemuva kokuhlaselwa kwabantu okuningana emasontweni adlule:

Ngomhlaka-4 kuMbasa e-Kryvyy Rih: (21) abashonile

Ngomhlaka-14 kuMbasa e-Sumy: (35) abashonile

Ngomhlaka-23 kuMbasa e-Marhanets: (9) abashonile

Abasesithombeni esingenhla: uVolodymyr Zelensky noCyril Ramaphosa.

Umthombo wesithombe: Uhulumeni wase-Ukraine

Izihloko zakamuva