Lubhalwe nguRorisang Modiba
UMusa Khawula usole uZe Nxumalo ongumnyeni kalowo owayenguMiss South Africa, uTamaryn Green, ngokumjolela.
Lezi zinsolo zivele ngemuva kokuthi izithandani zimemezele ukuthi zilindele ingane yazo yokuqala.
Umbhali ongundabamlonyeni uveze lezi zinsolo ku-X, ethi uZe Nxumalo, usomabhizinisi oneminyaka engu-24 ubudala, akazange athembeke kuTamaryn njengoba ekhulelwe.
UMusa uphinde wasola ukuthi abangani bakaZe bazame ukumfumbathisa ukuze athule besebenzisa i-e-wallet yomgunyathi.
Ubhale wathi: “Sawubona, @TamarynGreen, tshela umyeni wakho uZe Nxumalo nabangane bakhe ukuthi bayeke ukungithumelela ama-e-wallets omgunyathi ukuze ngiyeke ukukhuluma ngokuthi wakujolela kanjani ekubeni uthwele ingane yakhe.
“Futhi, Tamaryn Green-Nxumalo ngikufisela konke okuhle ngokukhulelwa kwakho. Umngani wakho uthe ubhekene nobunzima njengoba uthwele ingane kaZe Nxumalo ekubeni ephinga.”
UKhawula uphinde wathi omunye wabangani bakaTamaryn uzame ukuvala izinsolo zokuthi bayajola, wathi akukhona okokuqala bezama ukumthulisa.
“Babes @TamarynGreen, abangani bakho akufanele bangishayele ucingo izikhathi eziningi kangaka ngemizamo okufihla amahlazo somyeni wakho, uZe Nxumalo.
“Ngiqinisekile uyazi, uTamaryn Green-Nxumalo, akukhona okokuqala abangani bakho bezama ukungivimba ukuthi ngikhulume ngokuthi umyeni wakho uZe Nxumalo uyakujolela. Uma udinga amanye amarisidi, holla at your gworl,” esho.
Akekho kubo bobabili oke waphawula ngalolu daba.
Abasesithombeni esingenhla: uTamaryn Green noZe Nxumalo.
Umthombo: Instagram
