Lungani Zungu
NgoMsombuluko uZandile Gumede, owayeyiMeya yeTheku, uzobuyela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngamacala obugebengu ahlobene nethenda yezigidi ezi-R430 yaseThekwini Solid Waste.
UGumede utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi ufuna lolu daba lususwe ohlwini.
“Sekuphele iminyaka emibili kodwa umbuso usahluleka ukufakazela icala lawo,” esho.
UGumede ubehlale ethi izandla zakhe zihlanzekile futhi uchaze leli cala njengelihambisana nezepolitiki. Abalandeli bakhe bayavumelana nalokho.
Isikhathi sikaGumede sokuba yiMeya yeTheku, esiqale ngowezi-2019, besizophela kulo nyaka ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya.
Amacala anawo izona zizathu ezenze i-ANC imlahle.
Umsekeli wakhe, uThabani Mkhize, usole abanye babaholi ku-ANC ngokumqonda uGumede.
“Usindile kuze kube manje ngoba siyameseka. Sizoqhubeka futhi nokumeseka.”
Ubengeke adalule magama abaholi be-ANC abafuna uGumede esukile esikhundleni.
UGumede naye akasukanga esikhundleni sokuba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe saseKZN ngokuhambisana nenqubomgomo yeqembu yokumisa eceleni amalungu abhekene namacala obugebengu.
UGumede naye bekulindeleke ukuthi angenele isikhundla sokuba ngusihlalo we-ANC eThekwini, okuyisifunda esikhulu kunazo zonke e-KZN.
UGumede ubesondelene kakhulu nowayengumengameli wezwe uJacob Zuma kanye noNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule, nabo bobabili abalwela ukusinda.
Kweminye imibuthano babizwa ngeqembu i-Radical Economic Transformation, kanti abanye bababiza ngokuhlangana kwabalimele.
Kuzokwaziwa ngoMsombuluko ukuthi ngabe ithimba labammeli bakaGumede lizophumelela yini emizameni yabo yokuthi lolu daba lususwe ohlwini.