Uzame ukuzibulala owesifazane okubulawe i-pit bull yakhe

Lubhalwe nguTladi Moloi

Owesifazane wase-Bloemfontein ulwela impilo yakhe egumbini labagula kakhulu ngemuva kokuzama ukuzibulala ngesikhathi ezwa ukuthi inhlangano evikela izilwane (SPCA) ibulale inja yakhe ye-pit bull uChloe.

ULiezel Jansen (44) uphuze ngokweqile amaphilisi kulandela izindaba ezimbi zokuthi inja yakhe ayithanda  kakhulu emesekayo ibulewe.

UJansen uhambise uChloe endaweni ephephile kwa-SPCA, e-Free State ukuze avikeleke kulandela ukusatshiswa i-South African National Civic Organisation  ngomhlaka-24 kuLwezi  ngokuthi bazongena umuzi nomuzi bathathe izinja zama-pit bull ngenkani uma abanikazi bazo bengazilethi kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

Esabela ukuphepha kwenja yakhe uyihambise endaweni ephephile okugcinwa kuyo izilwane ekholelwa ukuthi izohlala kahle kule ndawo. 

I-Scrolla.Africa itshelwe ukuthi ngemuva kokuthi ahambise inja yakhe, uJansen ubehlale efona ukuze ahlole ukuthi inja yakhe ihleli kahle yini. Nokho ngemuva kwesikhathi i-SPCA yayeka ukuphendula izingcingo zakhe ngemuva kwalokhu ube eseqala ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle.

Ngokusho kwelinye ilungu elithanda ama-pit bull elingafunanga ukudalulwa igama, lithe uJansen ubethatha uChloe njengenja yakhe emesekayo kulandela ukushona kabuhlungu komyeni wakhe.

“UChloe ubefana nengane kuye kanti wamthola ngemuva kokubulawa komyeni wakhe eshiswa esemotweni,” kusho umthombo.

Indodana kaJansen, uJoshua Sauls uthe uChloe ubebalulekile empilweni yengqondo kamama wakhe futhi wengeza ngokuthi ayikho enye inja ezofana naye.

“Kubuhlungu abakwenzile ngoba uChloe ubesiza umama wami futhi ubengenalo neze ulaka. Owesilisa ovela lapho okugcinwa khona izilwane wamenza wasayina amaphepha ngaphandle kokumchazela lutho. Ubengeke asayine ukube ubazi ukuthi kuzokwenzakalani.

UDesiree Barnard umngani kaJansen uthe baqale ukukhathazeka ngokuphepha kukaChloe ngemuva kwalezi zinsolo.

“Ufonele endaweni okugcinwa kuyo izilwane ukuthi beze bazothatha inja iyohlala endaweni ephephile ukuze ingadliswa ushevu.

“NgoMgqibelo siye khona sishaya imashi nomngani wami sinethemba lokuthi izobuyiswa inja yakhe. Sibuze phambi kwabo bonke ukuthi ngabe iphi inja basitshela ukuthi ifile. UJansen uvele waphela amandla wakhala kakhulu.”

Bacele abaphathi abathathu ukuthi bangene bezochaza ukuthi kwenzakaleni.

“Ngibuze ukuthi kungani inja ibulewe ngoba bekuyinja engesekayo selokhu ngashonelwa umnyeni wami, satshelwa ukuthi inja ibinolaka.”

Uthe bacele umbiko oveze ukuthi ukuziphatha kukaChloe bekukhombisa ulaka, kodwa batshelwa ukuthi umbiko uyimfihlo.

“Baphinde basitshela ukuthi inja yabulawa ngalo lolo suku efike ngalo.”

I-SPCA ithe angeke ixolise ngokwenzekile.

“Akazange asayine amaphepha asitshela ukuthi inja kumele ivikelwe.”

Sijwayele ukuvula imnyango yethu kulaba abaletha izilwane zabo. I-SPCA yenza lokho obekufanele obekuzokwenziwa omunye uMnyango wemithetho. 

Sisukumele phezulu ukuze sigweme isihluku salezi zinja,” sifundeka kanjalo isitatimende.

Isithombe esingenhla ngesikaLiezel Jansen kanye ne-pit bull yakhe uChloe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva