Uzalelwe yinja endlini owayengumholi we-ANC

Zavela Makwabe

Owayeyisikhulu se-ANC e-Eastern Cape uZandisile Qupe ulwela ukugcina umuzi wakhe kanokusho.

UQupe owayengumeluleki kaNdunankulu u-Oscar Mabuyane waphucwa umuzi wakhe uphiko loKlebe ngo-2020 njengoba kwakuthiwa lo muzi wakhokhelwa kusetshenziswa imali yobugebengu.

UMbuso uthi ngesikhathi owayengunkosikazi kaQupe, uNokuzola ekhokha u-R1 million ukuze kuthengwe umuzi ka-R3 million kuthiwa ingxenye yaleyo mali eyayiphuma kuQupe yavela ngohlelo olungekho emthethweni.

Kusolwa ukuthi lolu hlelo lubandakanya ukweba u-R56.4 million ohlelweni lwe-Integrated Public Transport System (IPTS) – okuwuhlelo oluxhaswe uMnyango wezeziMali kaZwelonke.

Icala labikwa koKlebe ngoMandulo ngo-2018 ukuze baliphenye kulandela umbiko wocwaningomabhuku woMnyango wezeziMali phakathi kukaMfumfu ngo-2014 kuya kuNdasa ngo-2017.

NgoLwezi ngo-2020 uQupe kanye nabanye abayisikhombisa baboshwa oKlebe futhi babhekene namacala amaningi obugebengu ahlanganisa ukukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokushushumbisa imali efinyelela ku-R56.4 million. Amacala ahlobene nemiklamo emibili kamasipala.

UQupe naboshwe nabo banikezwa ibheyili ephakathi kuka-R5,000 no-R100,000 eNkantolo yeMantshi yase-Port Elizabeth.

Emzabalazweni wokuhlenga utshalomali lwakhe, lo mholi we-ANC uvumile ukuthi wathola isamba semali engaphezu kuka-R3 million phakathi kuka-2013 noNhlolanja ngo-2015 komunye wabasolwa naye uFareed Fakir.

Emaphepheni athulwe phambi kwenkantolo ngoLwesine olwedlule, uQupe uvumile ukuthi wayehlangana noFakir ukuze badingide ngezinhlelo zoxhaso zeqembu futhi ukubeke kwacaca ukuthi “izinkokhelo zanqanyulwa ngesikhathi ephuma esikhundleni.”

“Indlela okwakwenziwa ngayo bekuwukuthi izikhulu ezazibekwe ngendlela ehlelekile kumasipala zazinikeza inkontileka ezozuzisa ngokungafanele kubahlinzeki bezinsizakalo abahlonziwe ababeyingxenye ye-syndicate,” kusho iJaji uDenzil Potgieter ngesikhathi ekhipha isinqumo ngoLwesine.

Inkantolo iwunikezile umyalelo wokuthi kudayiswe umuzi uma uQupe ehluleka ukukhokha u-R1.2 million kuMbuso zingakapheli izinyanga eziyisithupha.

Uyalelwe nokuthi akhokhe zonke izindleko zecala.

Ngesikhathi eboshwa, i-ANC esifundazweni yathi uQupe uzobhekana nezinqubo zangaphakathi okuhlanganisa nokuvela phambi kwe-Provincial Integrity Commission (PIC).

Baphinde bacela ukuthi anikezwe ithuba lokuchaza udaba lwakhe.

Kulindeleke ukuthi uQupe abuyele eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha ngoMasingana lapho azophendula khona ngecala lobugebengu.

Osesithombeni esingenhla: UZandisile Qupe

Izihloko zakamuva