Sizwe Sibiya
Umrepha owazalelwa eThekwini uNtokozo odume ngelika “Zakwe” ugubha iminyaka eyishumi yokuphumelela kwe-albhamu yakhe yokuqala ethi Zakwe eyaphuma ngoLwezi ngowezi-2011.
Ukuhluka kwakhe ekuculeni nasekukhetheni isitayela sokurepha, esigxile ekuxoxeni izindaba zaselokishini ngendlela enekhono nethokozisayo, kumenza ahluke kubaculi abaningi abarephayo.
Njengoba kwenzeka nakusihlabani somculi uKanye West, akumangazi ukuthi uZakwe usakwazile ukuqhubeka nokuyibamba indima yakhe emculweni iminyaka eyishumi lapho abanye abaculi abangomrepha beshesha ukukhathala.
UZakwe walandela ngamanye ama-albhamu amathathu ahlonishwe ngegolide okubalwa kuwo ethi Impande nethi Cebisa, okwenza uZakwe waba ngowokuqala owawina indondo yokuqala ye-South African Hip Hop Awards for Best Lyricist ngowezi-2013.
Le albhamu iphinde yawina indondo ye-Best Hip Hop Artist ku-Metro FM Awards ngowezi-2013.
UZakwe uphinde waqokelwa izindondo ezinhlanu kuma-South African Music Awards ayi-18, okuhlanganisa nokuqokwa kwenye ye-Remix of the Year ngengoma yakhe edume kakhulu ethi “Bathi Ng’yachoma Remix” acula kuyo noZuluboy kanye noDanger.
UZakwe odabuka KwaMashu, ogwini lolwandle, usanda kukhipha i-albhamu yakhe ayicula nomculi kamaskandi, uDuncan. Isihloko sayo sithi Zakwe & Duncan kanti yakhishwa mhla zizine kuZibandlela wangowezi-2020.
UZakwe ukhiphe i-albhamu yakhe ethi Zakwe ngaphansi kwenkampani yakhe yakudala i-Native Rhythms ngaphambi kokudlulela kwelinye lamalebuli amakhulu akuleli i-Mabala Noise, ngokubambisana ne-Universal Music Group.
Njengoba uZakwe egubha iminyaka eyishumi akhipha i-albhamu yakhe yokuqala, umcimbi weshumi wama-SAHHAS uzokwenzeka mhla ziyishumi kuZibandlela.