Arthur Greene
UZaila Avant-garde ube ngowokuqala umuntu wase-Afrika eMelika ukuwina i-Scripps National Spelling Bee, kodwa lokho kuyingxenye nje yezinto eziningi asezizuzile.
I-Spelling Bee ingumncintiswano lapho intsha ibhekana khona nokubiza izinhlamvu zamagama anzima.
Kodwa ngaphambi kokuzama ukungenela umncintiswano wokubiza izinhlamvu zamagama, uZaila oneminyaka eyi-14 usevele unamarekhodi amathathu e-Guinness okujika, ukugqomisa kanye nokuphosa ibhola le-basketball.
NgoLwesine, ngemuva kokuthi amakhulu entsha abezoncitisana ephume kwaze kwafika emantombazane amabili nje, uZaila ubhekane noChaitra Thummala oneminyaka eyi-12.
Amagama ambalwa aphonswe ngummemezeli walo mncintiswano ngaphambi kokuba uChaitra engingize egameni elithi “neroli” (uhlobo lwamafutha aphuzi).
Lokhu kunikeze uZaila ithuba lokuthi asithathe lesi sicoco. Konke obekufanele akwenze ukubuza izinhlamvu zegama elilandelayo kahle.
“Murraya,” kusho ummemezeli, ngaphambi kokutshela uZaila ukuthi kusho uhlobo lwezihlahla zase-Asia nase-Australia ezishisayo.
Ubengalazi igama, futhi kudingeke ame isikhashana ukuze acabange ngesakhiwo salo.
Ngemuva kwemizuzwana, ube usebiza izinhlamvu zegama – futhi wazibiza kahle.
Ngemuva kokuwina, ekhuluma kwinhlolokhono uthe ufisa ukubona abafundi abaningi base-Afrika eMelika “benza kahle kwi-Scripps Spelling Bee” eminyakeni ezayo.
Ngenkathi iningi labancintisana nabo abaphezulu bechitha izimpilo zabo zonke bezilolongela lo mncintiswano, uZaila uchithe iminyaka emibili kuphela ezilungiselela ngaphambi kokuthweswa isicoco sokuba ngumpetha.
Ngaphambi kwalokho, iphupho lakho ukusebenza ngokuphenya izinto zasendulo kanye nokuba umdlali we-basketball, ngesifiso sokudlalela i-W.N.B.A. Ungumfundi owazi izibalo nokhuthele osefunde izincwadi ezingaphezu kwe-1 000.
Amarekhodi omhlaba amathathu kaZaila yilawa: most basketballs dribbled simultaneously (six basketballs for 30 seconds); most basketball bounces (307 bounces in 30 seconds); and most bounce juggles in one minute (255 using four basketballs).
Ukunqoba kwakhe okuyingqophamlando kwi-Spelling Bee kunconywe yilowo owayenguMengameli waseMelika uBarack Obama, kanye noBernice King, indodakazi encane kaDkt Martin Luther King Jr.
Umthombo wesithombe: @WNBA