UZahara uzihlangula  ekuqolweni kwabantu 

Lubhalwe nguBathandwa Ndlangisa

“Ngiyaziqhelelanisa noPrince Dlamini ohamba eqola abantu esebenzisa igama lami.”

Uzihlangulile umculi owine izindondo  ngeledlule  edalula ukuthi igama lakhe lisetshenziswe ngaphandle kwemvume umsakazi ahlangana naye kanye kuphela.

Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, lo mculi uzichithile izinsolo zokuthi uzoya noma uzocula kwelinye lamakhonsathi kaPrince Dlamini.

“Ngahlangana noPrince Dlamini ngesikhathi ngibhukhelwe ukuyocula e-Swatini ngase ngithatha izithombe naye kule ndawo,” kusho uZahara.

“Ngithanda ukukubeka kucace ukuthi angisebenzi noPrince Dlamini futhi angisaxhumani naye. Ngicela nimqaphele.”

Umculi uZahara ogamalakhe langempela uBulelwa Mkutukana usaqhubeka nokugqama endimeni yomculo.

Ekupheleni kwesonto eledlule, lo mculi odumile wengoma ethi “Loliwe” umemezele ukuthi uwine indondo ye-Best Female Artist kuma-African Entertainment Awards.

Izindondo zaseMelika ziyaseka, zibungaze ziphinde zithuthukise i-African Entertainment. Basebenzisa ezokuzijabulisa njengenkundla yokukhombisa ukuthi i-Afrika ibumbene, izimele, izimisele nokuthi iyakwazi ukuvusa uguquko lwezenhlalo olubaluleke kakhulu emiphakathini yabantu base-Afrika emhlabeni wonke.

Izindondo zamazwe ngamazwe uZahara aziwina zihlanganisa i-Kora Best Female Artist (2012), i-Channel O Music Video Awards, i-Best Smooth Urban Music Album (2012) kanye ne-Nigeria Entertainment Awards’ Southern African Artist of the Year (2013).

Lo mculi owazalelwa e-Eastern Cape usememezele nezinsuku zohlelo olusha lwakumabonakude olukhuluma ngaye. Luzokhonjiswa ku-SABC1 ekuqaleni kwenyanga ezayo.

Esithombeni esingenhla: UBulelwa Mkutukana odume ngelikaZahara

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva