Lubhalwe nguRorisang Modiba
Akungabazeki ukuthi uZahara wayibeka ngempela induku ebandla kulandela ukuthi noma engasekho kodwa abe ngomunye wabaqokwe kumaSouth African Afro Music Awards azoba sekupheleni kwenyanga.
Lo mcimbi wokuklomelisa abaphume phambili emculweni uzoba ngomhlaka-26 kuMfumfu eBirchwood Hotel eBoksburg, eKurhuleni.
UZahara uqokelwe izindondo ezimbili okuyi-Best Afro Album of Democracy neyeBest Female Afro Soul Artist of Democracy.
Ubhekene nabaculi abafana noZonke, uSiphokazi, uJudith, uMoneoa, uThandiswa Mazwai.
Umgqugquzeli womcimbi uChina Mpololo utshele iTshisaLIVE ukuthi lezi zindondo zihlose ukubungaza ithalente laseNingizimu Afrika kanye nokucubungula umlando womculo we-Afro njengoba leli lizwe lihlanganisa iminyaka engu-30 labuswa ngentando yabantu.
“Sisebenza kanzima nethimba lethu ukwenza lo mcimbi ube ngeminye yemicimbi emikhulu kuleli, sibungaza ithalente lethu lakuleli. Sekungunyaka wesihlanu kwasungulwa amaSouth African Afro Music Awards,” kusho uMpololo.
“Njengoba sigubha iminyaka engu-30 yentando yeningi, sizokhumbula umlando womculo we-Afro futhi sihloniphe ifa lamaciko, omakadebona kanye nezingqalabutho.”
Omakadebona kule mboni uChicco Twala, uYvonne Chaka Chaka, uLindelani Mkhize, uMandisa Dlanga, uThapelo Khomo, noSam Mhangwani bazothola izindondo zelifetime achievement.
UMpho Xaba, obeyisoka likaZahara esaphila, uveze ukuthi usakhokha isikweletu sakhe sesibhedlela sika-R820,000, ngaphandle kokuxhaswa umndeni wakhe.
UZahara, ogama lakhe langempela kwakunguBulelwa Mkutukana, washona eneminyaka engu-36 ngomhlaka-11 ngoZibandlela ka-2023 ngenxa yezinkinga zesibindi ngemva kokuhlala cishe amasonto amathathu esibhedlela esizimele eGoli.
Lo mculi owayephinde abe ngumbhali wamaculo owahlomula izindondo wagcwatshwa e-Eastern Cape ngomhlaka-23 ngoZibandlela.
Isithombe esingenhla: UZahara.
Umthombo: Instagram