Sizwe Sibiya
Umculi we-Afro pop othandwa kakhulu eMzansi uZahara usememezele ukuthi usehoxise uhambo lwakhe lokuhambela izwe lonke ngenxa yokugula.
Le ntokazi eneminyaka engu-34 ubudala bekumele ihambele izwe lonke igubha iminyaka engu-11 kwaphuma i-albhamu yayo yokuqala ethi Loliwe.
“Ngithanda ukuxolisa kubalandeli bami namaphromotha ami ngokuthi angeke ngikwazi ukuqhubeka ngicule ngempelasonto. Angiphilile kahle esimweni sempilo kanti ngilulekwe ngokuthi ngithathe isikhathi ngiphumule,” kubhala uZahara ekhasini lakhe lika-Facebook.
Uphinde wasabalalisa izithombe zezindawo abezohambela kuzo asezihoxisile nesithombe esisodwa sakhe ebona udokotela ngoMgqibelo mhla zizine kuNhlangulana.
“Ngibheke ngabomvu ukuphuma lapha ngokushesha uma sengiwumqemane,” kusho uZahara.
Lesi sihlabani sibhekene nesikhathu esinzima empilweni nesihambisana namabhadi.
Lokhu kuqale ngesikhathi elahlekelwa izindondo eziyisithupha ze-South African Music Awards (i-SAMA) esigamekweni okwabikwa kuso ukuthi kugqekezwe umuzi wakhe ngamaholidi ephasika.
Kuthe kusenjalo waqinisekisa lezi zindaba ebezivele zisabalele ezinkundleni zokuxhumana. Ngokwemibiko kusolakala ukuthi ibhange i-Nedbank yasabisa ngokudayisa umuzi wakhe ose-Vosloorus uma ehluleka ukukhokha imali engaphezu kuka-R17 000 ngenyanga ekupheleni kukaNdasa, kodwa usuku lwamanqamu lwanwetshwa ukuze lo mculi akwazi ukulungisa izindaba zakhe.
Khonamanjalo uZahara ogama lakhe langempela nguBulelwa Mtukana wagcina ukukhipha ingoma ngoMandulo nyakenye nevidiyo yeculo lakhe lokugcina eyedwa enesihloko esithi Izolo.
Umthombo wesithombe: Facebook