Uyoyixoxela amagwababa echobana ogaxwe ithayi wabhunyelwa nangophethiloli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izakhamuzi ebezithukuthele zibambe owesilisa osolwa ngokwenza ubugebengu ezindaweni ezahlukene eTembisa eDuduza naseTshelopele.

Lo wesilisa ubegaxwe ithayi emqaleni wathelwa nangophethiloli bese kusele umentshisi ukuze baqede ngempilo yakhe, kodwa wasinda ngokulambisa.

Amaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni abezihambela enza umsebenzi wawo ojwayelekile ngesikhathi ezithela endaweni yesigameko. Amaphoyisa akwazile ukuhlenga lo wesilisa kamuva wahlanganiswa nomndeni wakhe.

Awekho amalungu omphakathi aboshiwe.

Lesi sigameko senzeka ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa kukhandwe ngamatshe abantu abayisithupha endaweni yaseTembisa eKanana okuyindawo yamaphoyisa eRabie Ridge.

Esigamekweni sangesonto eledlule amalungu omphakathi athungathe abasolwa ngobugebengu, abaqoqa endaweni eyodwa abakhanda ngamatshe baze bashona. Abahlanu kubo bashonele endaweni yesigameko kwathi owesithupha washonela esibhedlela.

Amaphoyisa abophe abasolwa ababili mayelana nalawo macala okubulala.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng, uDimakatso Nevhuhulwi uthe : “Abasolwa ababili bavele eNkantolo yeMantshi yaseTembisa ngomhlaka-25 kuMasingana ngecala lokubulala nelokushaya i-GBH.”

UColonel Nevhuhulwi uthe amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla.

Izigameko zokubulalana zangesonto eledlule ziphoqe abaqaphi emphakathini abazibiza nge-Community Defence Unit (CDU) ukuthi baqinise ezokuphepha ukuze basize iziphathimandla ukulwa nobugebengu.

NgoMgqibelo amalungu ophiko lwe-CDU alandele umkhondo abamba osolwa ngokubulala wayiswa esiteshini samaphoyisa eRabie Ridge nokuyilapho kufike kwavulwa khona icala lokubulala.

“Sibophe umsolwa osolwa ngecala lokubulala ngemuva kokugwazwa kwabulawa owesilisa eMayibuye ekuseni ngeSonto,” kusho ilungu lophiko lwamaphoyisa.

Esithombeni esingenhla: Owesilisa obegaxwe ithayi emqaleni ethelwe ngophethiloli wasindiswa amaphoyisa akamasipala waseKurhuleni.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva