Usematheni umshini wase-Japan odayisa inyama yamabhele ngentengo ephansi engu-R300.
Lo mshini ubekwe kwesinye seziteshi zesitimela esimatasa kakhulu edolobheni lase-Semboku. Le nyama iphuma kumabhele asuke ehlatshwe endaweni, kubika i-Insider.
Umshini unezimpawu ezithi “uvula amahora angu-24,” “ibhele elimnyama,” “inyama yebhele” kanye “ne-yen engu-2 200 engamagremu angu-250.”
U-R300 uzokwenza uthole cishe amagremu angu-250 enyama yebhele kubazingeli basendaweni.
Lo mshini ufakwe yindawo yokudlela i-Soba Goro enesitolo esiteshini sesitimela sase-Tazawako.
Le ndawo yokudlela izama ukushintsha inyama yebhele ibe iyona ethandwa kakhulu esiteshini.
“Inyama yebhele iyanambitheka kamnandi ihlanzekile futhi ayiqini ngisho kumakhaza,” kusho omele i-Soba Goro.
“Ungayenza noma yini mhlawumbe ungayifaka kwisitshulu noma uyenze inyama eyosiwe.”
Abadayisa inyama yebhele bathi cishe badayisa amaphakethe ayishumi kuya kwangu-15 masonto onke, kodwa ukutholakala komkhiqizo kuncike esikhathini sokuzingela.
Inyama yebhele akuyona inyama ejwayele ukutholakala emishinini yokuthengisa.
Ekupheleni kukaMasingana inkampani yafika nemshini emithathu eyayinenyama yomkhomo edayiswayo.
Edolobheni lase-Tokyo, ungathola imishini yokuthengisa ene-whale sashimi, ubhekeni womkhomo, isikhumba somkhomo kanye nenyama yomkhomo.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: Ibhele