Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UTeka Matsepane usezibophezele ekuqinisekiseni ukuthi abagibeli bakhe bayakwazi ukungena kwi-inthanethi uma bengaphakathi kwekhumbi yakhe.
Njalo ekuseni lo mshayeli wetekisi waKwa-Thema, e-Ekurhuleni ubheka idatha lakhe ukuthi ligcwele yini noma lizokwanela yini ngaphambi kokuthi athathe uhambo lwakhe losuku.
Itekisi inebhodi elikhulu elinezinhlamvu ezigqamile ezitshela abagibeli, iningi labo okungabafundi ukuthi ekhumbini yakhe kukhona i-WiFi engenamkhawulo futhi uthola nephasiwedi uma ugibela.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wanquma ukufaka i-WiFi ekhumbini yakhe eminyakeni emibili edlule. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuzwa ingxoxo phakathi kwabafundi ababekhala ngokuthi abakwazi ukwenza umsebenzi wesikole njengoba abazali babo bengenayo imali yokuthenga amadatha.
“Ngenze ucwaningo endaweni ngathola ukuthi izikole nezinye izinsiza zomphakathi endaweni azinayo i-WiFi yamahhala.
“Lokhu kusho ukuthi uma bengenamali yedatha abakwazi ukwenza lutho oludinga ukuthi bangene ku-inthanethi.
“Ngibone ngokusiza izingane zami ngomsebenzi wazo wesikole ukuthi isikhathi esiningi kumele zingene ku-inthanethi kakhulu.”
UMatsepane uzibophezele ekugcwaliseni irutha yakhe ngedatha engenamkhawulo ukuze aqinisekise ukuthi bonke abagibeli bakhe bayakwazi ukungena kwi-inthanethi noma nini lapho bengaphakathi kwetekisi yakhe.
Uthe lokhu akakukhalazeli nakancane njengoba abafundi sebeneminyaka eminingi bengabagibeli bakhe.
“Bawumndeni manje kimi,” kusho yena.
Abanye abagibeli asebajwayele waqala ukubathutha eminyakeni engu-22 edlule ngesikhathi eqala njengomshayeli wamatekisi esafunda amabanga aphansi.
“Ngibabonile befunda ekolishi kanti abanye bayasebenza, kodwa basathemba izinsiza zami,” kusho yena.
Manje uMatsepane usezibophezele ekutheni idolobhana langakubo i-Ga-Phaahla, e-Jane Furse e-Limpopo ufisa lixhunyelwe kwi-inthanethi njengoba efake isicelo se-network connection transformer.
“Ukuvakashela leli dolobhana kusho ukuthi angeke ukwazi ukungena kwi-inthenethi noma inini uma uthanda ngaphandle uma unyukela entabeni.
“Lokhu kusho ukuthi abafundi bakule ndawo abangeni kalula ku-inthanethi ngenxa ye-network futhi basalela emuva.”
Uqhube wathi iphupho lakhe ukubona bonke abafundi besebenzisa i-inthanethi ukuze bakwazi ukuxhumana nomhlaba.
Osesithombeni esingenhla: UTeka Matsepane
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo