Uyise womsubathi ufuna kuphenywe ngokushona kwendodana yakhe

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Uyise kaKelvin Kiptum usecele ukuthi kuphenywe ngokushona kwendodana yakhe, ethi amadoda amane angaziwa afika ezobheka lo mdlali ophethe irekhodi lomjaho we-marathon ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokushona kwakhe.

UKiptum ushone engozini yemoto endaweni yangakubo e-Kenya ngeSonto ebusuku eneminyaka engu-24 ubudala. 

Umqeqeshi wakhe wase-Rwanda uGervais Hakizimana naye ushonile kule ngozi.

Ubaba womgijimi webanga elide, uSamson Cheruiyot utshele i-Citizen TV yase-Kenya ukuthi abantu abane bafika bezofuna uKiptum ezinsukwini ezine ngaphambi kokushona kwakhe.

“Kunabantu abafike ekhaya befuna uKiptum, kodwa benqaba ukuzichaza,” kusho uCheruiyot.

“Ngabacela ukuthi banginikeze omazisi noma bazazise ukuthi bangobani kodwa bakhetha ukuhamba.”

UCheruiyot wengeze ngokuthi uthole ngokushona kwendodana yakhe ngesikhathi ebuka izindaba.

“Ngiye endaweni okwenzeke kuyo ingozi kodwa amaphoyisa abesesithathile isidumbu e-Eldoret,” usho kanje.

“UKiptum bekuyena yedwa ingane yami. Ungishiye nomama wakhe, nezingane zakhe. Anginayo enye ingane. Umama wakhe ubengaphathekile kahle. Njengamanje ngiphatheke kabi.”

UKiptum uqophe umlando ngoMfumfu ngesikhathi egijima u-2:00.35 enqoba i-Chicago Marathon.

Esithombeni esingenhla: UKelvin Kiptum (24) oshone engozini yemoto. 

Umthombo wesithombe: @piersmorgan

Izihloko zakamuva