Uyinqabile ibheyili osolwa ngokubulala uBokgabo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Osolwa ngokubulala uBokgabo Poo usichithile isicelo sakhe sebheyili ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni okwesithathu ngoMsombuluko ekuseni.

UNtokozo Zikhali namanje akakathi vu mayelana nokuthi ngubani ababehambisana naye ekubulaweni kwengane eneminyaka emine.

Umndeni wakwaPoo ukholelwa ukuthi izitho zomzimba ezilahlekile zathengiswa emakethe yokwenza umuthi. 

Ummeli kammangalelwa ucele iNkantolo ukuthi iluhlehlise udaba njengoba besazama ukuthola imininingwane engaphelele kumsolwa.

Icala lihlehliselwe umhlaka-14 kuNhlolanja ngonyaka ozayo ukuze kuqhutshekwe nophenyo. UZikhali uzogcinwa esitokisini samaphoyisa.

Umsolwa uvele mayelana namacala amahlanu athinta uBokgabo, awokuthumba, ukudlwengula, ukubulala, ukuphula umthetho kanye nokuhlukumeza.

Uphinde wavela mayelana nokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye ngonyaka odlule.

Umbuso usihoxisile isicelo sabo esanikeza ibheyili umsolwa ngecala lokudlwengula kanti uZikhali ugcinwe esitokisini samaphoyisa kuze kube uyavela futhi.

Umsolwa owadlwengulwa wakwazi ukuhlonza umsolwa ngemuva kwezinyanga ezintathu enikezwe ibheyili kanti nobufakazi bolibofuzo bumhlanganisa nesigameko.

Unina kaBokgabo, uTsholofelo Poo uthe ukholelwa ukuthi ukuhlehliswa kwaleli cala libe ngoNhlolanja ngonyaka ozayo kuzosiza ekunikezeni amaphoyisa nommeli wommangalelwa isikhathi esanele sokumcindezela ukuba adalule imininingwane yesigameko.

“Ngokuhamba kwesikhathi uzoqala akhulume. Uzositshela ukuthi umbulaleleni nokuthi ubani lo asebenzisana naye. Lokhu kuzosenza sikwazi ukuthola ukuthula.”

“Ngiyajabula ukuthi usilahlile isicelo sakhe sebheyili. Lokhu kusho ukuthi impilo yenye ingane iyasinda.”

UBokgabo obeneminyaka emine waduka edlala epaki eduze kwakubo emasontweni amabili edlule e-Wattville, e-Ekurhuleni.

Izingxenye zomzimba wakhe zitholwe ngemuva kosuku kubikwe ukuthi udukile zatholwa uLeah Khosa egcekeni lakwakhe ngesikhathi elihlanza.

Umzimba wakhe wonke watholwa ungcolile futhi ulahlwe endaweni evulekile engamamitha angu-800 ukusuka emzini kaLeah.

Isithombe esingenhla sikhombisa osolwa ngokubulala uNtokozo Zikhali

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva