Uyini uKhisimusi ngaphandle komndeni? 

Lubhalwe nguZuziwe Ndokweni

Wonke umuntu uyakuqonda ukuthi amaholide asho ukuthini kubo futhi bayakuqonda ukuthi uKhisimusi uletha ini emindenini yabo, ozakwabo, abangani kanye nasebudlelwaneni babo.

Kodwa okuzwisa ubuhlungu ukuthi njalo uma abanye bethu becabanga ngokhisimusi sikhumbula ubuhlungu bokushonelwa yilungu lomndeni, isithandwa noma umuntu obalulekile emndenini.

Ngizibuza imibuzo efanayo nsuku zonke: ubani oyoletha injabulo, izinkumbulo, uthando kanye nenduduzo?

Into engiyaziyo ukuthi labo abashonelwe abantu ababathandayo bayohlezi besazisa isikhathi abasichithe nabo besahamba emadlelweni aluhlaza alo mhlaba.

Kulo Khisimusi ngizobe nginomndeni wami ohlangothini lukamama. Sengijahe ukubona uhleko lukamalume uZinyo elilodwa esitshela ukuthi babengezwani kanjani benomama ngesikhathi besakhula.

Siba noKhisimusi kanye ngonyaka kodwa kungani silinda isikhathi eside kangaka ukuze sibone amalungu emindeni yethu akude? Into eyodwa engiyifundile kulolu bhubhane ukuthi impilo ingashabalala ngomzuzu nje. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngiyawazisa wonke umzuzu engiwuchitha nomndeni wami – hhayi ngoKhisimusi kuphela.

Siyababongela abangakaze balahlekelwe umoya kaKhisimusi, naphezu kokulahlekelwa nobunzima ababhekene nabo. Ngisho labo abasajabula uma bevula lelo bhokisi likashokoledi wezinhlobonhlobo, abathola izingubo ezintsha kanye nabapheka ukudla okumnandi.

Izihloko zakamuva