Uyedwa owesifazane ophikweni lamaphoyisa abhekene namacala ayingozi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UConstable Thabisa Ntyinkala uyena yedwa owesifazane ophikweni lwe-SAPS’s Tactical Response Team (TRT) eWestern Cape, elibhekelela amacala ayingozi.

“Ithimba lami lisebenza ngokukhethekile ekubhekaneni nezigameko ezihleliwe neziqhubekayo eziyingozi kakhulu ukuze kuncishiswe amathuba okulimala noma okulahlekelwa ukuphila, njengezimo zokuthunjwa,” kusho uNtyinkala (40).

Ukhulele eKhayelitsha futhi ukholelwa ukuthi isizinda sakhe elokishini eliyingozi simnika umfutho emsebenzini wakhe.

Futhi wenza intuthuko ophikweni olugcwele abesilisa.

Ungumqeqeshi we-TRT futhi maduze uzothatha izifundo zamasonto ayisithupha ukuze asize ukuqeqesha abanye nokuthuthukisa amakhono abo.

UNtyinkala wajoyina amaphoyisa ngoMandulo ka-2014 waphothula ukuqeqeshwa kwakhe okuyisisekelo eMthatha SAPS Academy e-Eastern Cape.

Wabe esethunyelwa esiteshini samaphoyisa esimaphakathi
neKapa futhi kamuva wenza imisebenzi yasenkantolo.

Isikhulu esaqaphela indlela ayiyo ngesikhathi semicimbi yezemidlalo ye-SAPS lapho enza khona kahle ku-tug of war, kanye nebhola lezinyawo labesifazane samimkhuthaza ukuthi ajoyine i-TRT.

“Angikhathazekile ngokuba ngedwa owesifazane kwithimba lethu. Ngigxile ekwenzeni umsebenzi wami kahle.

“Kubalulekile ukuthi uhlale ukulungele futhi uziphathe ngendlela efanele,” kusho yena.

UNtyinkala ukhuthaza abesifazane ukuthi babambe iqhaza eliyinselele futhi bangalindeli ukuphathwa ngokukhethekile.

Ukholelwa ukuthi ukuhlala ezivocavoca futhi ezilungiselela kube ngukhiye wempumelelo emsebenzini wakhe futhi uhlale egxilile ngomthandazo nokuzivocavoca umzimba.

Osesithombeni esingenhla: UConstable Thabisa Ntyinkala.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva