Uyazisola umphakathi obulale ongenacala

Buziwe Nocuze

Endaweni eyodwa lapho izakhamuzi zase-Parkwood eKapa zibulale khona u-Abongile Mafalala ngesonto eledlule baphinde bahlangana njengo mphakathi ngeSonto bezohlonipha lo wesilisa obengenacala.

UMafalala ushawe wakhandwa ngamatshe washiswa esigamekweni sokufuna ubulungiswa ngoLwesibili. Umshayeli we-Uber ubesolwa ngokuzama ukuthumba izingane ezimbili ezincane, kodwa kwavela ekugcineni ukuthi umsulwa kuleli cala.

UMax Swarts oyisakhamuzi sase-Parkwood uthe umphakathi usuhlangane izikhathi eziningi uzama ukuthola indlela yokubhekana nokubulawa kukaMafalala ubengenacala. 

Bahlele umkhuleko womphakathi enkundleni okushonele kuyo uMafalala lokhu kuveza ngokusobala ukuzisola komphakathi nokucela uxolo emndenini kaMafalala. 

“Siyazithoba njengomphakathi sicela uxolo noma ungeke umndeni usixolele, kodwa sizama isiqalo esisha sokulungisa amaphutha ethu njengomphakathi ukuze sizogwema izigameko ezifana nalezi ngokuzayo,” kusho uSwarts.

Ngesikhathi kwenzeka lobu bugebengu iningi labaholi bomphakathi e-Parkwood bebengekho ukuze bangenelele ngesikhathi befika bese konakele kakhulu. 

Ngesonto eledlule ikhansela  elingumakhelwane newadi lomndeni kaMafalala lase-Dunoon uMercy Makua uthe umphakathi uzoyibambela amagqubu iParkwood ngokubulala owesilisa ongenacala.

Ikhansela lesigceme sase-Parkwood uDonovan Nelson uthe bafuna intethelelo nokubuyisana. Uthe ngeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila sengathi akwenzekanga lutho.

Bebengakaxhumani nomndeni, kodwa uthe imeya ihlela ukuvakashela umndeni. Abafuni ukuya kulo mndeni kusazwela kangaka.

“Kumele sikhombise umhlaba ukuthi siyayazisa impilo yomuntu futhi siyazisola uMafalala bekungafanele abulawe kanje.”

Sizobamba nomkhuleko womphakathi kanti nezakhamuzi sezakhe ithempeli ukuze zihloniphe uMafalala obesebenza njengo mshayeli we-Uber.

Udadewabo kaMafalala uKhuselwa Mafalala uthuke kwaphela nasozwaneni ezwa ngalo mkhuleko wathi akekho useke wabatshela ngawo. Baxwayiswe ngomunye ngesikhathi kubanjwe lomkhuleko.

Akaliqondi ukuthi bafuna siphi isibusiso ngoba labantu ababehambele lo mkhuleko babekhona ngesikhathi ebulawa.

“Isebenza kanjani indaba yokuxolelana ngoba nginesiqiniseko sokuthi ngesikhathi behlasela umfowethu wabanxusa ukuthi bame ukuze achaze ukuthi benza iphutha, kodwa abazange bamlalele bambulalisa okwesilwane,” kusho uKhuselwa.

“Umkhuleko ngowabo akuwona owomndeni olahlekelwe umuntu obebondla, umuntu obethanda wonke umuntu emphakathini.”

Izihloko zakamuva