Uyazisola owine owe-Vuzu Hustle

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokuwina isizini yesibili ye-Vuzu Hustle, umncintiswano womculo we-hip hop kumabonakude uFlex Rabanyan wanqaba ukusayina isivumelwano sokuqopha esasiyingxenye yokuwina kwakhe.

Kodwa kulandela icala elibi le-payola ngonyaka ka-2018, ukuphelelwa imali ngo-2019 kanye nezinsolo zokucekela phansi abahleli bombukiso nyakenye manje usethathe isinqumo sokuvuka azithintithe.

“Ngemuva kokucabangisisa kahle ngithathe isinqumo sokungasayini ne-Vth Season. Ukuzimela emculweni kuyinto ebalulekile kulezi zinsuku,” kwasho uRabanyan ngoNtulikazi ngo-2017, eshiya abalandeli bebambe ongezansi.

URabanyan oneminyaka engu-26 ubudala odabuka eSikhawini KwaZulu-Natal ubhale okuthile ezisola ku-Twitter ngoLwesithathu.

“Ngikhumbula ngingena ku-inthanethi ngikhuluma nge-Vuzu Hustle, i-ChannelOTV & Vth Season nokuthi bahlela kanjani ngokuwa kwami, kodwa uma ngibheka izenzo zami nginamahloni.”

“Iqiniso ukuthi ngangingazi kahle ngemboni yomculo ngangifuna izinto eziningi futhi ngangenzisa okwengane,” eqhubeka ezikhotha amanxeba.

Njengoba enabalandeli abangu-156 kuphela kwi-akhawunti yakhe ye-twitter imiyalezo yakhe ibingafiki ndawo kwaze kwaba ufaka igama lo mrepha ohlonishwayo we-Skwatta Kamp uSlikour ophinde abe ngumsunguli wenkampani i-Slikour On Life.

“Ngikhumbula ngifuna u-Slikour ukuthi angibizele i-Uber ngenxa nje yokuthi ngangisemahhovisi abo nginengxoxo nabo, leyo ngxoxo eyayizongisiza ukuthi ngidume kodwa indlela engangiziphethe ngayo yayingeyinhle neze,” kubhala uRabanyan, obenganakwa kangako abalandeli selokhu avela engomeni ka-Ma-E ethi Bumpa eyi-remix ngoLwezi ngonyaka ka-2017.

Njengoba ekhiphe i-035 King EP yakhe ngoMbasa ngaphansi kwenkampani yakhe i-Rabayeezy Media nayo engazange ithathelwe phezulu kungenzeka ukuthi udonsa abalandeli bakhe, kodwa njengabaningi esikhathini esedlule ingase lento imubangele inkinga.

“I-Vuzu Hustle yanginika inkundla yokukhombisa ikhono lami emhlabeni yangivulela iminyango yokuhlangana nabantu engangingeke ngibabone, ngingumfana waseSikhawini.

“Indlela engaphatha ngayo ubuhlobo bethu yayingeyinhle neze.”

“Ngiyaxolisa,” kwengeza u-Rabanyan evuma amaphutha akhe njengoba esazoqhubeka nokukhipha izingoma ezintsha.

Izihloko zakamuva