UDkt James Elist ongudokotela wabesilisa wase-Iran kodwa ozinze eMelika ukwenze kwaba umgomo wakhe ukuthi ukuhlinzwa kokukhuliswa kwenduku yabesilisa kudume njengemisebenzi yokuhlinzwa nokukhuliswa kwamabele.
Usungule indlela yokwelapha ebizwa ngokuthi i-Penuma okungumfakela we-silicone eqinile efakwa ngokuhlinzwa kwenduku yabesilisa ngaphansi kwesikhumba.
U-Elist obelokhu esebenza ngokuzimela e-Beverly Hills kusukela ngo-1982 uqhamuke nalo mbono ngemuva kokwelapha iziguli ezimbalwa ezazikhala ngokungaqondi kahle kwenduku yazo.
Lokhu okufakwayo akubonakali uma induku ingavukile kubonakala kuphela uma induku ivukile.
I-Penuma ayidalwanga ngenhloso yokuthi iqondise induku egobile kodwa yona iyayiqondisa kancane, kubika i-Insider.
Cishe eminyakeni engamashumi amabili edlule ngo-2004 udokotela wathola imvume ku-Food and Drug Administration (FDA) ukuze aqale ukunikeza i-Penuma njengethuluzi lokuthuthukisa induku yabesilisa.
Eminyakeni emihlanu edlule i-FDA yanikeza imvume yokwelashwa eza nezinketho ezinkulu kakhulu ukuze i-penuma idayiswe.
U-Elist uthi cishe amadoda angu-5,000 kulo lonke elaseMelika asebenzisa i-Penuma. Uphinde wathi useqeqeshe odokotela bomchamo abangu-17 ukuthi bayifake.
Ukholelwa ekutheni ngelinye ilanga i-Penuma izoba yinto evamile njengokukhulisa amabele.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi ngikwazile ukuletha into entsha,” esho.
Kodwa kuzomele ukhokhe imali eshisiwe ukuze usizakale. I-Penuma ibiza isamba semali engu-R300,000.
Futhi cha, i-medical aid ngeke ikusize kulokhu.
U-Elist wengeze ngokuthi iziguli zakhe zihlezi zijabule ngemiphumela yale nqubo.
“Abanye babo bebeya endaweni yokuzivocavoca bafike becashe ngamathawula ngoba induku yabo ihlehla okofudu. Manje omunye uthe, ‘Ngivame ukuya endaweni yokuzivocavoca futhi ngiwisa ithawula lami ngamabomu ukuze babone enginakho.”
Kodwa-ke, kungase kube nokunye okubi njengoba omunye okuthiwa uMatt ethe uye wezwa ubuhlungu obudlulele ngemuva kwale nqubo.
U-Elist uye wamtshela ukuthi ubuhlungu nokuvuvukala kuzophela, kodwa akwenzekanga futhi uMatt uye waqhubeka nokuphila nezinhlungu.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: Ubhanana onetheyiphu yokukala