Celani Sikhakhane
Seluseduze ushintsho lweKhabhinethi KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi uNdunankulu uSihle Zikalala ehlulwe kabuhlungu eNgqungqutheleni ye-ANC yokuKhetha uBuholi besiFundazwe ngempelasonto.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi uZikalala, uNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uHlengiwe Mavimbela kanye noNgqongqoshe wezeMfundo uKwazi Mshengu kungenzeka bakhonjwe indlela.
Umthombo udalule ukuthi iqembu le-ANC elizibiza nge-Taliban – elidle umhlanganiso engqungqutheleni yesifundazwe ngempelasonto – livumelene ngokuthi uNgqongqoshe uSimelane akhishwe esikhundleni somnyango wezempilo ukuze kungene lowo owayeyiMeya yase-Newcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba.
UMahlaba usanda kukhethwa njengomgcinimafa wesifundazwe.
Phambilini iNkantolo yeMantshi yase-Newcastle yathola uMahlaba enecala lokweba, ukushaya kanye nokucekela phansi impahla ngemuva kokushaywa komsebenzi wenkontileka ye-fiber cable e-Newcastle.
Isigwebo secala sahambisana nenketho yokukhokha inhlawulo ka-R20 000.
Kodwa irekhodi lobugebengu lisekhona.
“USimelane ngeke alahlekelwe isikhundla sakhe kwiKhabhinethi kodwa uzoyiswa komunye umnyango ukuze uMahlaba athathe isikhundla sokuba uNgqongqoshe wezeMpilo,” kusho umthombo.
Kubikwa ukuthi ngo-2019 uZikalala waba nomhlangano e-King’s House e-Morningside, eThekwini lapho enza khona isivumelwano sokuba uNdunankulu.
Lo mhlangano wawuhanjelwe uMengameli uCyril Ramaphosa, owayenguSihlalo we-Lower South Coast, uMzwandile Mkhwanazi kanye nosomabhizinisi uDeebo Mzobe.
Yilapho-ke okuthiwa uZikalala wazakhela khona izitha ngokuthatha isivumelwano esamenza wakhaphela uSboniso Duma, uJomo Sibiya kanye noDkt Ntuthuko Mahlaba ababethenjiswe izikhundla zoNgqongqoshe ngaleso sikhathi.
“Kunezinhlelo zokuthi okungenani uZikalala aqokwe njengelungu lephalamende noma abe yiphini likaNgqongqoshe ngoba abamfuni KwaZulu-Natal.
Ngesikhathi uZikalala ethatha izintambo wakhaphela uMahlaba kanye noDuma kwezokuba oNgqongqoshe ngakho kujabulisa kakhulu ukuziphindiselela,” kuchaza umthombo.