
Celani Sikhakhane
Uyawohloka umuzi ka-R250 million oseKZN eNkandla kalowo owayenguMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma.
I-Scrolla.africa ithole ukuthi ngisho negumbi lokwamukela izivakashi alisekho esimeni esihle sekuyihlazo ngemuva kokuthi uhulumeni eshaye indiva isicelo sikaZuma sokuthi amsize anakekele umuzi wakhe.
Igceke ligcwele utshani akugundiwe, izihlahla azigawuliwe kanti nesibaya sezinkomo esidle abakhokhi bentela imali elinganiselwa ku-R1 million siyawa.
Indawo yokubhukuda enomlilo ibingcolile.
UMzwanele Manyi, weJacob Zuma Foundation, utshele i-Scrolla.Africa ngoLwesine ukuthi uNgqongqoshe wezemiSebenzi yomphakathi uPatricia de Lille wazisiwe ngalesi simo esiyihlazo.
“Uthembise ukulusukumela lolu daba ngokushesha kodwa kuze kube namuhla awukho umehluko eNkandla,” kusho uManyi.
Abaholi be-National Freedom Party, abadlelana noZuma selokhu aqoka umholi wabo njengePhini likaNgqongqoshe wezesayenzi nobuchwepheshe, banqume ukulungisa umuzi kaZuma.
UNobhala Jikelele we-NFP, uMnu uCanaan Mdletshe, udalule ukuthi bazoya eNkandla ngoLwesihlanu ukuyogunda utshani, balungise izihlahla baphinde bapende nezindlu.
Okhulumela uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natali, uNdabezinhle Sibiya, uthe udaba lomuzi kaZuma luphethwe uhulumeni kazwelonke.
Obhekelela uMnyango wezemiSebenzi yomphakathi kuzwelonke, uMnu uThamsanqa Mchunu, uhlulekile ukuphendula imibuzo.