Uyavutha uNgqongqoshe ngabasebenzi bakaHulumeni abaxhaphaza osomathenda befuna imali “kadrinki” ukuze bakhokhe ama-invoice

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMeyer uthi ezinye izikhulu zibambezela ukukhokha ngaphandle uma osonkontileka bezifumbathisa, nokuyinto esiyenze ukuthi kubambezeleke amaphrojekthi angaphezu kwangu-50.

Uxwayise iminyango enama-invoice angakakhokhelwa ukuthi ngeke iwathole amaphrojekthi amasha ngaphambi kokuba iqede izikweletu zayo.

Uthukuthele ugane unwabu uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer, ngezikhulu zikahulumeni ezinenkohlakalo ezifuna ukugwazelwa osonkontileka ukuze bakhokhe ama-invoice.

UMeyer ukhulume la mazwi ashubile ngoLwesibili ntambama ngesikhathi ethula isabelomali somnyango wakhe sika-R2 billion sonyaka wezimali ka-2025/26.

“Somlomo, sinenkinga enkulu yezikhulu zikahulumeni ezifuna ‘imali yokubongwa’ kosonkontileka ukuze bakhokhele ama-invoice,” usho kanje. “Siyalwa nalo mkhuba. Akekho usonkontileka okufanele ahlukunyezwe kanje.”

Uthe ukuqolwa kosonkontileka akukhona nje kuphela okukhathazayo kodwa kudala ukubambezeleka okukhulu. Angaphezu kuka-50 amaphrojekthi amisiwe ngenxa yokuthi osonkontileka abancane baphoqeleka ukuthi bakhokhe ukuze bathole lokho abakweletwa khona.

UMeyer uthe ukubambezeleka kwenkokhelo kufake osonkontileka abaningi, ikakhulukazi abesifazane, ebunzimeni. “Abanye basala bengenakudla kwezingane zabo ngenxa yokuthi abakhokhelwanga umsebenzi abawuqedile,” usho kanje.

Umnyango usuqalile ukusebenzisana neminyango engamakhasimende ukusheshisa ukukhokhwa kwama-invoice asenesikhathi eside enziwe, ikakhulukazi lawo asemdala ngezinsuki ezingu-120.

UMeyer ukubeke kwacaca wathi: “Kulo nyaka wezimali olandelayo, ngeke sizemukele izicelo zohlelo olusha oluvela kunoma yimuphi umnyango osanezicelo ezingakakhokhelwa. Ngeke siqhubeke nokwakha abanye bengakakhokhelwa.”

Ukusilela emuva kubucayi. Isamba semali esele esikweletwa umnyango sifinyelela ku-R737.4 million. omunye umnyango ukweleta u-R426.4 million lokho okungu-64% wayo yonke le mali.

Kodwa uMeyer uthi izinto seziqala ukujika. “Ngomhlaka-10 kuNhlolanja ngo-2025, sithole izinkokhelo ezingaphezu kuka-R71-million ngezinyathelo zethu ezintsha. Imali eyengeziwe isendleleni.”

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wase-KZN uMartin Meyer uxwayisa ngezikhulu ezifuna ukugwazelwa osonkontileka.

Umthombo wesithombe: KZN Public Works and Infrastructure

Izihloko zakamuva