Arthur Greene
Empilweni yakhe u-Amol Kamble ubethola ukujabula ngokunyakazisa umzimba nokudansa, kodwa manje useletha injabulo kwizigidi zabantu e-India ngokudansa nje kuphela.
Lo mdansi oneminyaka engama-39 uyiphoyisa lase-Mumbai city, kodwa selokhu aba yingane wayefisa ukuba umdansi oseqopheleni eliphezulu.
Ngiyakuthanda ukudansa selokhu ngaqala ukuba yingane futhi ngisakuthanda,. kusho u-Amol etshela i-BBC kwingxoxo.
Impilo yakhe ayibanga njengesifiso sakhe wagcina eseyiphoyisa lomthetho, kodwa lokho akukaze kumuyekise ukuthanda ukudansa.
Ngemuva kokuba ngibe iphoyisa ngangidansa imidanso ehlukene nobhuti wami omdala. Besenza imibukiso kodwa angikaze ngafunda imidanso yakwamanye amazwe etshela abezindaba.
Ngemuva kokuba adume ezinkundleni zokuxhumana u-Amol wayaziwa ngezitayela ezihlukene zokudansa embuthweni wamaphoyisa.
Ngowezi-2014 umbutho wamaphoyisa wenza umcimbi okuyilapho u-Amo adansa khona esiteji nomdansi odumile wase-Bollywood u-Hrithik Roshan.
Lapho ngathola ukudansa nosaziwayo odumile phambi kwabantu abangamakhulu ayizinkulungwane.
Mhlawumbe wayezizwa njengomdansi owuchwephesha ngaleso sikhathi, kodwa wakwazi ukufaka amavidiyo akhe ku-TikTok okuyilapho-ke ukuduma kwakhe kukhule khona. Uvele waduma umhlaba wonke njengoba abantu abayizigidi befuna ukufunda izitayela zakhe zomdanso.
Ngangisendleleni eya emsebenzini ngenkathi ngihlangana nezingane zingibuza ukuthi unguyena yini umalume esihlezi simubuka ku-TikTok? Wavele wahleka u-Amol.
Ngemuva kokuba lolu hlelo oludumile luvalwe e-India ngonyaka odlule u-Amol walahlekelwa abalandeli bakhe futhi wayengazi ukuthi kumele enze kanjani.
Ngenhlanhla useqhubeke lapho ayegcine khona ku-Instagram manje usenabalandeli abayizi-10 000 kwi-site aphinde abe nezigidi zabantu ababuka amavidiyo akhe.
Umthombo wevidiyo: @asomputra