Uyaveva umqeqeshi ngomdlali wakhe ongaziphethe kahle

Umqeqeshi we-Manchester United u-Erik ten Hag uthe uzobhekana nodaba lukaMarcus Rashford ngemuva kokuthi lo mgadli ebonakale endaweni yokucima ukoma yasebusuku yize engazange afike ngesikhathi iqembu liziqeqesha ngenxa yokubika ukugula.

URashford akazange abambe iqhaza ekuziqeqesheni ngoLwesihlanu ngemuva kokusabalala kwezinsolo zokuthi ubonwe endaweni yokucisha ukoma yasebusuku e-Belfast ezinkundleni zokuxhumana.

Umgadli wase-England (26) kubikwa ukuthi uvakashele indawo yokucima ukoma yasebusuku e-Thompson Garage ngoLwesine ngaphambi kokubuyela e-England ngendiza yakhe ekuseni.

Uye e-Northern Ireland ukuyohlangana naloyo owayenguzakwabo.

Isitatimende esikhishwe i-Manchester United sithi uRashford uhlale e-Carrington ukuze aziqeqeshe njengoba ebelulama.

UTen Hag, ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba kwabo iNdebe ye-FA ngeSonto, uthe udaba lukaRashford uzolilungisa, kubika i-The Guardian.

Esikhathini esedlule uTen Hag wachaza ngokuphoxeka kwakhe ngezinqumo zikaRashford, muva nje ngemuva kokuvakasha endaweni yokucima ukoma kulandela ukuhlulwa kwi-Manchester derby.

URashford uxolisile ngalesi sigameko.

UTen Hag kusukela athathe izintambo kwi-Manchester United ubelokhu ebhekana nezinkinga futhi uthathe izinyathelo eziqinile mayelana nabadlali abafana noJadon Sancho no-Anthony Martial.

Emdlalweni wabo ne-Newport County i-United ibihamba phambili kodwa i-Newport yakwazi ukushaya igoli lokulinganisa.

I-United igcine inqobile ngamagoli amane kwamabili kanti ashawe u-Antony noRasmus Højlund esiwombeni sesibili.

Lubhalwe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: UMarcus Rashford.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva