Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amalungu omphakathi wakwaLanga afunge agomela ukuthi azoweseka amalungu amabili eLanga Safety Patrol (LSP) aboshwe ngamacala okubulala.
Amalungu e-LSP aqapha ilokishi lase-Cape Flats kanti bakwenza lokho behamba ngamabhayisikili.
Amalungu amabili e-LSP aneminyaka engu-32 no-34 ubudala aboshwe ngoLwesibili athweswa icala lokubulala.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, uFrederick van Wyk uthe ukuboshwa kuza ngemuva kwesigameko sokushaywa komuntu oshonele esibhedlela ngenxa yokulimala mhla zintathu kuMasingana.
I-LSP idume ngokubamba izigebengu yenze izibonelo ngazo ekhasini labo laku-Facebook bezishaya futhi bezivumisa izono zabo. Ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo lingadalulwa lithe lehlile izinga lobugebengu selokhu lo mkhankaso wasungulwa eminyakeni emithathu edlule.
“Amalungu asigadayo enza umsebenzi omningi ukwedlula amaphoyisa e-SAPS futhi siyawethemba kakhulu ukwedlula amaphoyisa ethu futhi sizobaseka kulesi sikhathi esinzima,” betshela i-Scrolla.Africa.
UVan Wyk uthe: “Amaphoyisa akwaLanga aphenya icala lokubulala kanti abasolwa ababili baboshiwe bathweswaamacala okubulala. Bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Bishop Lavis maduze ngamacala abathweswe wona.”
Umphathi wesiteshi sakwaLanga, uColonel Ronald Jacobs uxwayise amalungu omphakathi ukuthi angazithatheli umthetho ngoba azoshushiswa.
Kodwa elinye ilungu lomphakathi lithe, “Sifuna kudedelwe amalungu onogada ngoba muningi umsebenzi abasenzela wona. Amaphoyisa ethu awasizi ngalutho futhi anomona ngomsebenzi omuhle owenziwa ilamalungu omphakathi.”
Elinye ilungu lithe bazomasha baye esiteshini samaphoyisa uma kufanele.
“Sizofela lapho okuzofela khona amalungu e-LSP ngoba amaphoyisa e-SAPS ahluleka kudala.”
“Izigebengu bezizenzela umathanda ngoba zazi ukuthi amaphoyisa awanamsebenzi walutho. Ngakho-ke, benza amacala bazi ukuthi akukho okuzokwenzeka kubo.”
Uthe maduze bazobhala incwadi yesicelo sokuthi kudedelwe abaqaphi futhi bafuna ovulele abaqaphi icala nomndeni wabo aphume aphele elokishini labo.
Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sithinta uSihlalo we-LSP uBandile Gcuwa uthe, “Ngenkulu inhlonipho, amanga lawa, kodwa ngeke sikwazi ukukhuluma nabezindaba okwamanje.
Isithombe esingenhla: Amalungu eLanga Safety Patrol elokishini lakwaLanga, eKapa
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe