Karabo Rammutla
Amalungu omphakathi abedinwe eveva agasele esiteshini samaphoyisa ngesikhathi ezwa ukuthi owesilisa oshaye intombi yakhe unyamalale ngendlela engaqondakali ezitokisini zamaphoyisa.
NgoLwesithathu ekuseni izakhamuzi zivale isango lokungena esiteshini samaphoyisa e-Mamelodi East nge-red tape.
Becula izingoma zomzabalazo ababhikishi bafuna ukuthi umsolwa uMojalefa Kekana aphinde aboshwe.
UKekana kuthiwa weqe ezitokisini ngemuva kokuboshelwa ukushaya owayeyintombi yakhe uBoipelo Sebaka.
Ngemuva kokuthi ababhikishi bevumelene ngokusuka esangweni, umgwaqo ubusavaliwe abashayeli bezabalaza ukufinyelela esiteshini.
UBoipelo oneminyaka engu-18 washaywa ngomhlaka-26 kuNcwaba emzini wesoka e-Extension 6 e-Mamelodi East ngemuva kokuba umsolwa emthathe ngendluzula emzini womngani wakhe.
UKekana oneminyaka engu-31 kuthiwa wayefuna uBoipelo amnikeze indodakazi yabo enezinyanga ezintathu ubudala.
Waboshwa ngomhlaka-29 kuNcwaba ngaphandle kwendawo yokucima ukoma eduze nomuzi kaBoipelo.
Umphathi wesiteshi uBrigadier Terence Naidoo akazange akuqinisekise ukweqa kukaKekana futhi wenqabile ukuchaza imininingwane ethi kungase kuphazamise isiteshi.
Nokho ukuqinisekisile ukuthi bayamfuna umsolwa wabe esecela umphakathi ukuthi usize amaphoyisa.
UMoshy Mathe ophethe isikhungo lapho uBoipelo ekhoseliswe khona nomndeni wakhe uthe banikeze isiteshi amahora angu-48 ukuthi sithole umsolwa.
“Umndeni ubonile ukuthi uboshiwe.
Kuyacaca ukuthi weqile ngakho sifuna aphinde aboshwe ukuze uBoipelo abuyele endaweni yangakubo,” kusho uMathe.
UMathe uthe bafuna kwengezwe namacala okuzama ukubulala.
“Uma ubheka izithombe kuyacaca ukuthi ubefuna ukumbulala, njengoba wamshiya ethi ufile ngesikhathi equleka.
Ubudlelwano babo baqala eneminyaka engu-16 yena eneminyaka engu-28,” kusho yena.
Ababhikishi bahlakazekile ngemuva kokukhulunyiswa ngumphathi wesiteshi.