Uyaveva umphakathi ngokuzindela kwamaphoyisa ukubopha owesifazane oshise ingane

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abantu bakwaLanga badinwe bagane unwabu ngokuthi amaphoyisa ombutho we-SAPS ahlulekile ukubopha owesifazane osolwa ngokuthela ingane (4) ngamanzi abilayo.

Umfana uhlaselwe ngesikhathi egibele esangweni lakubo kalona wesifazane.

Izicelo zokuthi kuphenywe ngesenzo samaphoyisa ziya ngokwanda ngemuva kokuthi amaphoyisa asabele ngemuva kokuthi lesi sigameko sisabalale ezinkundleni zokuxhumana. Yize icala libikwe ngomhlaka-24 kuNhlangulana, umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu olwedlule mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi.

Isakhamuzi uLuzuko Meleni uthe akagculisekile ngendlela amaphoyisa akwaLanga asebenza ngayo.

“Abanandaba futhi abawuhloniphi umsebenzi wabo ungafunga ukuthi abafuni ukuba esiteshini,” kusho uMeleni.

“Kade sikhala ngomsebenzi ongemuhle esiwuthola kulesi siteshi samaphoyisa. Sabizwa ngamagama ngesikhathi sithi abaqapha umphakathi wakwaLanga benza umsebenzi ongcono kunamaphoyisa.”

Ucele incazelo ngokuthi kungani kuthathe amaphoyisa isikhathi eside kangaka ukubopha umsolwa.

Uvele enkantolo ngoMsombuluko kanti icala lihlehliselwe kumhlaka-14 kuNtulikazi ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.

UYonela Mnyombolo oyilungu lomndeni wesisulu naye uphatheke kabi ngokungasukumeli phezulu kwamaphoyisa.

“Izinkundla zokuxhumana bekuyiyona ndlela yethu yokugcina ngoba bengazi ukuthi bekumele aboshwe ngalo lolo suku esivule ngalo icala. Kodwa amaphoyisa akwa-SAPS ahlulekile ukwenza umsebenzi wawo. Asikaze sithole umbiko kubo ngisho sesibone umsolwa ehamba ekhululekile ngesikhathi ingane ikhala ngezinhlungu nsuku zonke,” kusho uMnyombolo.

Uzwakalise ukuthi unethemba lokubona ushintsho ngendlela amaphoyisa asebenza ngayo wagcizelela isidingo sokujeziswa ukuze kunqandwe ubugebengu esikhathini esizayo.

UKaputeni FC Van Wyk wamaphoyisa ase-Western Cape uthe “izinsolo zokuziphatha kwamalungu ethu ngeke zibekezelelwe futhi sizothatha izinyathelo ezifanele uma izinsolo zingaba nobufakazi.”

UNgqongqoshe we-Police Oversight and Safety e-Western Cape uReagen Allen uthe uphoxekile ngezinsolo zokuziphatha kwamaphoyisa ikakhulukazi uma kubhekwa iminyaka yesisulu waphinde wagcizelela ukubaluleka kokuziphatha kahle kwabezomthetho ngaso sonke isikhathi.

Esithombeni esingenhla: Isiteshi samaphoyisa sakwaLanga eKapa

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva